Izithakazelo zakwaMngomezulu

Dlakadla,
Mdluli,
Msuthu,
Lukhele,
Wena wasenhla
Masok’ anqunu ngemizimba yawo,
Makhub’ aluthuli ngokukhubana wodwa ezinyaweni,
Maphakel’ indoda edlengelweni
Wen’ udlele entanyeni.
Mbokodo!
Nina bakaSobhuza
Izingonyam’ ezidl ’ ekhaya,
Ngokweswel’ umalusi.
Nin’ enanqamul’ amaBhunu namaNgisi
Mhlanti wendl’ enkulu
Sicikwazane senkosazane
Makhunga!
Skhangisa!
Lukhele, qhaw’ elinjonjo.

Indabuko yakwa mngomezulu

Imvelaphi yabo

Ziningana izibongo noma abantu bezibongo abanemvelaphi efana neyakwaMngomezulu onsila yabo idabuka ebaSuthwini. Indawo eyaziwa ngokuthi kuseMadzimba iyona abafikela kuyona eseSwazini. Ngenxa yezimpi nokugwema izimpi ngalezo zikhathi, iziqhwaga ezifana noSomhlolo zafika zazinda khona lapho oMngomezulu akhe khona, wabona ukuthi akaqhubekele phambili. Wathutha waya kokwakha eMabantaneni. UDlakadla kaMalinga owayengumholi wabantu bakwaMngomezulu. Kuso lesosikhathi amaSwazi kaSomhlolo axabana wodwa ngenxa yobukhosi obabubangwa.

Ukukhothama kukaDlakadla, base bebeka uZondiwe esihlalweni sobukhosi yena owayemdala kunoMsunduka kuDlakadla. UMsunduka wangena enye inkosikazi kamfowabo uZondiwe ngenxa yokungabi nabo abantwana ngesikhathi esebusa. Kwathi ngelinye ilanga uMsunduka ephuma elawini lankosikazi kaZondiwe, wakubona lokhu uZondiwe kodwa wase embiza umfowabo wakhuluma naye ukuthi uyayazi inkinga anayo nokuthi angabaleki uzomzalela inkosi eyobusa isizwe kanye naye uMsunduka. Inkosikazi eyazithwala kwakunguKaMafuleka owazala uLubelo.

Sahamba isikhathi uZondiwe wagula kwathi uma sebeseMabantaneni, kulapho kwamenela khona, wase ekhothama. Lapho uLubelo wase ethatha ubukhosi wagcotshwa njengenkosi. Akathathanga sikhathi ke lapho esephethe uLubelo ebona isizwe namabutho eSilo senkosi uShaka ehlasela izizwe ezazikhona nezazakhelene naye. Ukugwema ukuchitheka kwegazi, wavele wathatha izinkomo uLubelo wayokhonza kuShaka wathi uma ehlasela amlekelele. Kulesisikhathi wase uLubelo akha umuzi wakhe eNkungwini.

Ukuzalana KoMngomezulu
UMngomezulu wazala uMdluli noMafu. UMdluli wazala uMsuthu, yena wazala uLudonga owazala uNgwane yena wazala uMalinga, uMalinga wazala uDlakadla. UDlakadla wazala uZondiwe, Msunduka (waseMnambithi) noMbangamuni (wakaHlabisa). UZondiwe wazala uLubelo yena wazala uMbikiza wazala uZombizwe, uBhungane noMbalekelwa. UZombizwe wazala uKhathwayo ozale inkosi uMndeni osakhona. UMsunduka wazala uMdludlu yena wazala uMboni wazala uNyambane wazala uMahembe.