πŸ’›

izithakazelo

Inkosi Shaka ka Senzangakhona

Inkosi uShaka ka Senzangakhona Zulu kwabe kuyinkosi ephiwe amandla okuzisa uzinzo empilweni yabantu base Afrika. Kunomlando obhaliwe ngabaMhlophe ukuthi kwakufanele igama lenkosi uShaka lingcoliswe ukuze bazokwazi ukuzithathela izwe lethu ngoba belibona linomnotho futhi livundile. Bazimisela ukuthi bamubonise njengenkosi enonya olwesabekayo okwabe kungelona iqiniso, ukuze bakwazi ukucekela phansi umbuso wakwa Zulu. Lokhu bakwenza ngempumelelo ngoba namanje kusekhona labo abazi iLembe njengenkosi eyabe inonya.

Ucwaningo lwakabusha luyawaveza lawo manga wabaMhlophe. Ubukhulu buka Shaka abusiko kuphela obama Zulu kodwa obezwekazi lonke lase Afrika. Wabe eliqhawe elikhulu okumele sizigqaje ngalo njengesizwe esimnyama. Inkosi uShaka walwela ukuhlanganisa izizwe ezabe zehlukene ukuthi zibe isizwe esisodwa esikhulu esinomthetho futhi esihlonishwayo.

Inkosi uShaka wabe enesipho sobuhlakani obukhulu ngoba wathi angabona ukuthi abaMhlophe banobuchwepheshe obabungekho kwaZulu, wakhetha ukuthi bafundise amabutho akhe. Wabona futhi ukuthi ngeke kumsize ukulwa nalababantu ngoba babe benenduku eshaya umuntu imlahle phansi elena kude. Wabe esefuna ukuthi naye bamfundise ukusebenzisa lenduku (isibhamu). Wabe esekhetha ithimba elabe liholwa uSotobe wakwa Gazu ukuthi lihambe liyofunda lobubuchwepheshe eNgilandi ku George egameni lakhe. Nanka amazwi awakhuluma kwabaMhlophe ababefike kuye, “Hambani nitshele inkosi yenu uMjoji ukuthi ahlanganise zonke izizwe eziMhlophe; nami ngizohlanganisa zonke eziMnyama: sizobe sesenza umbimbi: lokuthula emhlabeni wonke”.

Ku Sotobe wathi; “Hambani niye kuMjoji nibheke futhi nifunde konke okungaba usizo ezweni lethu”. Lolo hambo aluzange luphumelele ngoba bathi beseseBhayi kwafika umbiko wokuthi iLembe selikhotheme babe sebekhetha ukubuya. Ukube baphumelela ngabe kuningi isizwe esakuzuza kwezobuchwepheshe. Umbuso kashaka wabe ulwela ukuthula ezweni lonkana ngoba ngaleso sikhathi izizwe zabe ziziphethe kungenamthetho uma esinye sifuna ukuthumba imfuyo yesinye sasivele sizenzele.

Namhlanje i KwaZulu-Natal ine NGONYAMA eyodwa ngoba iSilo uShaka sahlanganisa zonke izizwe ezabe zikulesi sifundazwe kwaba isizwe esisodwa sama Zulu. Amakhosi aqhubeka nokubusa izizwe zawo kodwa ayazi ukuthi ikhona inkosi enkulu i Lembe eleqa amanye ngokukhalipha.
Namanje KwaZulu-Natal akukho ukudideka njengakwezinye izifundazwe, kuyaziwa sinye i Silo u Goodwill Zwelithini wonke amanye amakhosi nezizwe zingaphansi kwakhe. Konke lokhu kwenzeka ngobuhlakani beSilo sakwa Dukuza u Shaka Mlilwana ka Senzangakhona Zulu.

Popular people from Nkosi last name

Elijah Nkosi (Legal/Business)
Extensive experience in gaming and leisure industry with focus on strategic development and corporate governance. Served as Acting Judge for KwaZulu-Natal High Courts (Durban and Pietermaritzburg) in 2011, 2012, 2015, and 2017. Board member at Phumelela Gaming & Leisure Limited, serving on Audit, Remuneration, and Industry Specific committees. Holds Bachelor of Procurement Law (B Proc) and LLB. [citation:9]

Previous

Fakathi, Fakazi, Dlomo, Guma, Duze

Next

Ngwenya, Gedeza, Mcambi, Vilakazi

5 Comments

  1. Siphiwe

    Why did people run from uShaka? It resulted to surname change. Why was he feared so much?

  2. nathi

    konke okungenhla kuyiqiniso lodwa neqiniso lonke

  3. Islima kphela esingakhanyelwa manje ukuth kungani isizwe samazulu besigxeke kangaka.ingoba abamhlophe isona sizwe abafike bathwala inkinga kuso iafrica iyonkana.ushaka wayeyilembe eleqa amanye amalembe ngokukhalipha(NGOKUKHALIPHA) uthinike wena osath ushaka weyaz impi kuphe??? Ngisola wena engath ubulawa ubudom

  4. Sphamandla Vezi Ebulwer

    Inkosi Ushaka kwabe kuyiqhawe yize noma impilo yakhe yabafishane , Kube waphila iskhathi eside ngabe labondlebe zikhanya ilanga abazange baphathe kuleli…Wena wangasenhla bayede

  5. ILEMBE eliq’ amany’ AMALEMBE ngokukhalipha, ubayede lowo iNkulunkulu wawokhokho bethu inkosi ngaphezu kwamakhosi onke omhlaba, thina nje esesbe nethamsanqa lokwaz ubuhle bakhe eynsikwin zokphila kwalo iLEMBE, asiygqizi qakala izinto ezingamampunge ezibhalwayo ngoba syakholelwa ukuth ubhedwa ngobubende inyam engaydlanga yingakho sesakheth ukuw’hlab’ inhlali nje

    Bayede! Wena weZULU…

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén