πŸ’›

izithakazelo

Izaga, Meaning, Origin & History

Ngezansi izaga nezincazelo zazo.

Isaga Incazelo
Abantu abayi ngandawonye bengemanzi ∼Abantu abavumelani bonke ngento eyodwa.
Akukho ndlovu yasindwa umboko wayo ∼Akekho umuntu ohlulwa umthwalo wakhe.
Akukho thusi lathetha lilodwa ∼Akekho umuntu onganengwa engaqalwanga.
Akukho zinyane lemboma ladliwa yingwenya kwacweba isiziba ∼Uma uzwise omunye umuntu ubuhlungu noma umbulale, ngeke ukuthole ukuphumula abakubo nabangani bakhe bazomphindiselela.
Akuqhude lasindwa umzwezwe ∼Akekho umuntu ohlulwa umthwalo wakhe.
Akuvelwa kanyekanye kungemadlebe embongolo ∼Abantu abaphumeleli kanyekanye.
Amathanga ahlanzela abangenamabhodwe ∼Izinto ezinhle ziya kwabangazidingi noma kwabangakwazi ukuzisebenzisa ngendlela okuyiyo.
Ayikho inkomo yobuthongo ∼Impumelelo iyasetshenzelwa.
Bahlangene phezulu kanti phansi bangamahele ∼Benza sengathi bayezwana futhi akukho okungangena phakathi kwabo kanti bahubhuza amanga.
Enethunga kayisengeli phansi ∼Umnini wento akahlupheki ikhona.
Engakhali ifela embelekweni ∼Uma ungazibiki, ukhulume ngenkinga yakho ngeke ubonakale futhi ngeke uzwakale.
Ibhizela labulala indlovu ∼Umuntu uyalinyazwa nayinto yena athi ayilutho.
Ikhiwane elihle ligcwala izibungu ∼Into enhle ngaphandle ijwayele ukuba nobubi ngaphakathi.
Ilelo nalelo nkankane aliyodla umsundu wangakubo ∼Ilowo nalowo muntu kumele ayozizamela ngakubo.
Imiphanda ibulawa izakhelani ∼Abantu abakhelene noma abangabangani abajwayele ukulimaza abantu.
Impi isesendeni ∼Kuxabele abantu abazalanayo, bandoda nye.
Induku enhle igawulwa ezizweni ∼Intombi noma umakoti omuhle umthola kude noma ekuhambeni.
Ingwe idla ngamabala ∼Umuntu uzenza yena ukuthi athandeke ngezenzo nangemisebenzi yakhe.
Inja yawaqeda ngolimi ∼Kancane kancane koze kulunge.
Inkomo ingazala umuntu ∼Ngeke kwenzeke lokho.
Inkonjane iwele enkundleni ∼Umuntu oliqili ubhajwe ebuqilini bakhe.
Inkonjane yakhela ngodaka ∼Umuntu owenza okuhle kumele abekezele ngisho kunzima angalilahli ithemba.
Intendele ibindwe isidwa ∼Ukuhlakanipha kuphelele ezeni.
Intendele iwel’enkundleni ∼Inhlanhla izizele.
Into yomuntu umhluzi wempisi ∼Ungabothembela entweni yomuntu noma yokwebolekwa.
Inxeba lendoda alihlekwa ∼Ungabomhleka umuntu uma esenkingeni noma evelelwa okubi ngoba kusasa kungawe.
Iqaqa alizizwa ukunuka ∼Umuntu akasiboni isici noma ububi bakhe.
Isalakutshelwa sibona ngomopho ∼Umuntu ongalaleli iziyalo, noma ekhuzwa ubona ngomphumela omubi noma oyingozi.
Isilo siyawafinyeza amazipho ∼Umuntu onamandla noma ohlakaniphile ngeke umthole ehamba ezikhukhumeza ngalawomandla nenhlakanipho yakhe.
Kazi iyozala nkomoni ∼Kazi kuyokwenzakalani noma umphumela uyoba njani.
Kubambene ingwe nengonyama ∼Kuxabene noma kubhekene abantu abanamandla alinganayo.
Lapho kukhona isidumbu ilapho kukhona amanqe ∼Uma umuntu esenkingeni ilapho abantu abasizakala khona ngaye.
Libheke uligcine ∼Osongela omunye ngokumbulala.
Lixhoshwa libhekile ∼Iphutha lenzeka noma uqaphele.
Nalapho kungekho qhude kuyasa ∼akusho ukuthi lowo ozigqajayo uma eke wahamba kokwenziwayo kuyokuma izinto, kuyohamba kahle ngisho engasekho.
Siyoze sihlangane okhalweni lwezimpungushe ∼Usongo, siyoze sitholane la esiyodelisana khona, ngokulwa imvamisa.
Sobohla Manyosi ∼Uyophela umbuso.
Ukhamba lufuze imbiza ∼Ingane ifuze umzali wayo.
Umenzi uyakhohlwa kodwa umenziwa akakhohlwa ∼Umuntu osuke enze okubi komunye uyashesha ukukhohlwa kodwa lo osuke enziwe okubi akakhohlwa neze.
Umkhumiso usulingene izintondolo ∼Okusele sekulingene abanikazi bakho.
Umthente uhlaba usamila ∼Isimilo noma ithalente lomuntu livela esesemncane.
Ungakhulumi ngobhejane kungekho sihlahla eduze ∼Ungazifaki enkingeni kungenasidingo nasisombululo.
Ungayishayi ingede ngoju ∼Uma wenzelwe okuhle kumele ubonge.
Usifumbu ubona uqhaqhazela ∼Ubona isici somunye kodwa nawe ube unesakho.
Yinkukhu nempaka ∼Ubutha obukhulu lapho abantu bezondelana ukubulalana.
Yimpi yakwamabon’abulawe ∼Umuntu oyingozi owesatshwa njengenyoka.


Ezinye izaga zizokwengezwa kulezi ezingenhla ngokuhamba kwezinsuku, uqhubeke ubheke.

πŸ” Search here πŸ”+ ADD CLAN NAMES🎬 Watch our videos

Previous

Shezi, Meaning, Origin & History

Next

Amagama Amqondofana

3 Comments

  1. Kuchaza ukuthini ukuthi umlomo kaweyi

  2. Kusho ukuthi ukuthi: 1) Inkonyane ithuka isisinga. 2) Inkunzi isematholeni.

  3. Ngithanda ukubonga ngezanga nezincazelo ezingenhla. Ake ngithi falakahla engikwaziyo ngezagame zesi Zulu.

    Insaka vukela umchilo wesidwaba (into esijwayelekile).
    Yawuchitha umuthi inkonyane (ukuphuma kweqiniso eliqhubekelA ekutheni kube nengxokozelo).
    Itshe limi ngothi nkombose kababa (isimo sibucayi)
    Kukhotha ekhothayo engakhothi iyayikhahlela(ukusiza okusizayo ongakusizi awumsizi )
    Imikhumiso isisalele izintondolo (osekusele okwabalayikhaya ikakhulukazi uma kuyimsebenzi)
    Indlu yegagu iyanetha (kusho ukuthi ngeke ukwazi ukwenza yonke into ngokwakho )
    Intandane enhle umakhothwa unina (kungcono uma ingane ihlala noma inakekelwa umawayo noma owesifazane )
    Isisu esihle esibonwa yilanga (kungcono ukudla ekuseni kunoma usuyolala)
    Akukho nyoni yasindwa isisila sayo (awukwaz ukusindwa umthwalo wakho njengangenhla kuchaziwe)
    Isala kutshelwa sibona ngomopho (uma umuntu ekhuzwa engezwa ubona ngoba eselimele ukuthi unephutha)
    Hamba juba bayokuchutha phambili (kusuke abakini sebehlulekile nguwena ukukuqondisa )
    Nalapho kungekho qhude kuyasa
    Imbazo eyisiwula egawula isihlahla ephuma kuso
    Isihlahla asinyelwa

    Izincazelo ngizibhale ngendlela engicabanga ngayo

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Β© 2026