Izithakazelo nomlando wakwaJele

Abantu bakwaJele bangabeNtungwa ngokwezigaba zabeNguni . Ukhokho wabantu bakwaJele nguPhahla owabe eliwele noGumbi bezalwa kwaQwabe . Ngakho-ke abakwaPhahla , abakwaJele kanye nabakwaGumbi bayizihlobo zegazi . Ngenkathi iSilo u-Shaka sihlanganisa izizwe umuntu owabe egqame kakhulu kwaJele nguZwangendaba kaJele , u-Jele nguyena okwaqanjwa ngaye isizwe.

U-Zwangendaba wabe engomunye wezinduna zenkosi u-Zwide kaLanga . Ngakho-ke ngenkathi kuqikilina amakhosi amabili oShaka noZwide u-Zwangendaba yena wayegqishe ngasenkosini u-Zwide nokwathi ngemuva kokunqotshwa kwenkosi u-Zwide inqotshwa iSilo u-Shaka u-Zwangendaba wabona kukuhle ukuba elibhekise enyakatho

UZWANGENDABA JELE

UZwangendaba kaJele kaQheko kaLoyanda kaNyandeni kaNgubuyamakhosi kaPhahla [u-Phahla wabe eyiwele noGumbi owazala abakwaGumbi]wayengenye yezinduna zebutho laMaphela nokwakulibutho lenkosi uZwide kaLanga.  Wayengelinye lamaqhawe enkosi uZwide kaLanga nokwathi ngemuva kokunqotshwa kwenkosi uZwide inqotshwa yiNgonyama uShaka uZwangendaba wabona kukuhle ukuthi alifulathele elakwaZulu abhekise amabombo enyakatho.

Kwakuwunyaka ka 1821 ngenkathi uZwangendaba esuka kwaZulu eya enyakatho,kungalowo nyaka lapho noSoshangane Nxumalo, (owayelwe ngasohlangothini lwenkosi uZwide) uNxaba kaMbekane kanye noMzilikazi kaMashonana Khumalo(owayelwe ngasohlangothini lukaZuluβ€Ž)nabo balifuthela elakwaZulu.  Kwathi ngonyaka ka 1822 uZwangendaba wakha amadlangala phezu komfula iNkomati (Manice River).

Ekusukeni kwakhe kulawo madlangala wabhekisa amabombo lapho usekuyidolobha laseMbombela khona wafika wahlelesela eminye yemizi yeSilo uSobhuza wathumba abantu maqede waqhubeka nohambo lwakhe. Kulabo bantu ayebathumbile kwakukhona owesifazane ogama lakhe kunguNyamazana okwaqanjwa ngaye indawo yakwaNyamazane eMbombela. Indawo yakwaNyamazana imbandakanya amalokishi iLekazi, iPinaar kanye noMsogwaba. UNyamazana naye wabe eyiqhawekazi eliyisimanga (sisazobuye sixoxe ngaye)

Kwathi ngonyaka ka 1831 uZwangendaba wenza umfelandawonye noSoshangane Nxumalo  kanye noNxaba Msane bahlasela izizwe β€Žngenhloso yokudlondlobalisa imibuso yabo. Kodwa leyo mizamo yabo yagcina ibhutshile ngoba babuye bajikelana bodwa kwaqubuka enkulu impi phakathi kwabo,uZwangendaba noNxaba bahlanganyela uSoshangane. Kuleyo mpi wabanqoba uSoshangane ize babemhlanganyele . Leyo mpi yalwelwa eDalagubha (Delagoa Bay eMozambikwe. La maqhawe amathathu ayesefunde indlela yokulwa ngomkhonto owodwa obizwa ngokuthi yiklwa noma ijozi nokuyindlela yokulwa eyaqalwa yiSilo sakwaDukuza. Kodwa-ke bona iklwa basebelibiza ngegama elihlukile, elithi u-‘mdikadika’.

Kwathi ngemuva kokunqotshwa kwabo nguSoshangane uZwangendaba wabhekisa amabombo ezweni labaLozi naMakaranga lapho osekuyizwe laseZimbabwe. Ngaleso sikhathi wayengakafiki uMzilikazi kuleliya zwe ngoba yena wafika ngonyaka ka 1837 enyangeni kaLwezi.

Ngenkathi uZwangendaba efika ezweni labaLozi naMakaranga wafika esevuke umbhejazane ngoba wayesebulala kwasani. Wabulala amakhosi akhona oChangamire noTshilisamuhulu, akagcinanga lapho okaJele wabuye wabhidliza nezakhiwo zabaLozi naMakaranga ezabe ziligugu  elikhulu kubona. Lezo zakhiwo kwakuyiKhami, iDlodlo kanye naMaswingo.

Lezo zakhiwo zazishiye zakhiwe inkosi uMwene Mutapa eminyakeni yama 1400. Amakhosi amaKaranga kanye nawabaLozi ayengawakhi amaqhugwana , ayakha izindlu impela ngezitina. Ukwakha izindlu ngezitina ayekufunde kumaPhumalimi angamaPutukukezi eminyakeni yama 1400.

UZwangendaba wenza zonke lezimanga nje ukhona uNyamazana, bazenza ngokubambisana lezi zimanga. Esewabulele amakhosi aseBukaranga kanye nawaseBulozi uZwangendaba wakha imizi yakhe esingabala kuyo owaseNdingeni(kwabo Mmbelwa),  eKhahleni, eLangeni, eZondweni (kwabo Mthwalo) eMbangweni neminye. Wahlala lapho waze wahlaselwa nguSoshangane ngonyaka ka 1834, wabuye wamhlasela futhi ngonyaka ka 1835. Ngasenyakatho yezwe likaZwangendaba kwakwakhe uNgwana Maseko ongazange asinde naye ngenkathi okaGasa ehlasela.

Kwathi ngawo unyawo ka 1835 uZwangendaba wafuduka washiya uNyamazana kwelaseBulozi ngoba esemiswe kabi nguSoshangane. Esinye sezizathu esabangela ukufuduka kukaZwangendaba ukuthi wayesezwile ngezinhloli zakhe ukuthi uMzilikazi Khumalo wayesakhe eNtilasifali izwe lakhe lisuka koMosega lize liyovinjwa umfula uNgulukudela(Limpompo River). Lezo zindaba zamenza wahlalela ovalweni ngoba yena noMzilikazi babe beyinkukhu nempaka ngesizathu sokuthi uZwangendaba wayethinteka ekubulaweni kukaMashobana uyise kaMzilikazi owabulawa yibutho lenkosi uZwide elalaziwa ngokuthi yibutho laMaphela. UZwangendaba wayengenye yezinduna zaMaphela njengoba besengishilo ngenhla. Ngakho-ke uMzilikazi wayezomhlasela uZwangendaba ukuba wayeqhubeke wahlala kwelaseBuLozi.

Ayavela amagama oZwangendaba noNyamazana ezibongweni zenkosi uMzilikazi uma kuthiwa ‘Unsingo yashaya uphawu kwezikaZwangendaba ngoba ilushaye kuNyamazana iNgwane’.

UNyamazana wasala ezweni lasebuLozi, wagcina esegane inkosi uMzilikazi kwazalwa indodana uNyanda Khumalo. UZwangendaba wakhothama ngonyaka ka 1848, washiya engayikhombanga indodana eyayizothatha ubukhosi ngemuva kwakhe ngakho-ke kwathi ngemuva kokukhothama kwakhe kwabamba umnewabo uNtabeni kaJele ka Qheko ka Loyanda ka Nyandeni ka Khali kaLuvuno. β€Ž UZwangendaba wayezele amadodana amaningi kodwa kwagqama oMphezeni noMbombela .UNtabeni wayebambele uMphezeni owayesemncane ngaleso sikhathi. Kwathi  ngenkathi uMphezeni esegcotshiwe ukuba abe yinkosi yaMaZwangendaba uMgayi kaMafu kaJele waphikisana nokubekwa kwakhe wathi uMbombela okwakumele abe yinkosi hhayi uMphezeni. Asazi-ke ukuthi wayekusho ngaliphi lokho. Ngakho-ke ngaleso senzo sikaMgayi isizwe sikaZwangendaba sagcina sihlukana kabili. Esinye saholwa uMphezeni, kwathi esinye saholwa uMbombela.

UMgayi wayezalwa uMafu umfowabo omdala kaZwangendaba. UMafu wasala kwaZulu ngenkathi uZwangendaba elifulathela elakwaZulu.

Isizwe sakwaJele esiseMalawi manje saziwa ngokuthi esakwaJere ngenxa yokuhluleka kokubiza igama okuyilona kwabantu baseMalawi. Sibuye saziwe ngokuthi abaNgoni. Lesi sizwe manje sisithola sizinze esifundeni saseMzimba -Bona eMalawi, sibuswa inkosi uMmbelwa yesine..