If you know its Meaning, Clans or History, please add it by making a comment below.
Tag: sididzha Page 1 of 2
[wise-chat channel=”BUZA NOMA YINI” access_mode=”0″ force_user_name_selection=”0″ window_title=”BUZA NOMA YINI” theme=”colddark” chat_width=”100%” chat_height=”500px” messages_order=”” messages_time_mode=”elapsed” show_avatars=”1″ background_color=”” text_color=”” show_emoticon_insert_button=”1″ show_message_submit_button=”1″ multiline_support=”0″ show_user_name=”1″ input_controls_location=”” background_color_input=”” text_color_input_field=”” show_users=”1″ browser_location=”” show_users_list_search_box=”1″ show_users_list_avatars=”1″ show_users_flags=”1″ show_users_city_and_country=”1″ show_users_online_offline_mark=”0″ show_users_counter=”0″ background_color_users_list=”” text_color_users_list=”” allow_post_images=”1″ enable_images_uploader=”1″ enable_attachments_uploader=”1″]
Izithakazelo nomlando wesibongo sakwaNyandeni
Abantu bakwaNyandeni babekade bengabaNtungwa bakaMbulazi ngokobuzwe ,bengabakwaKhumalo . UNyandeni okwaqanjwa ngaye isibongo wabe engenye yamadodana kaMashobana ,engumnewabo Mzilikazi ,Nzeni , Ntshembeni nabanye. Isibongo sakwaNyandeni sakheka ngemuva kokuba kuxoshwe uNyandeni kwaKhumalo ngesizathu sokukhulelisa omunye wodadewabo. Lokho kwaqala samkhuba wokusoma kodwa kwahamba kwahamba izingane zagcina zikhulelisene.
Umkhuba wokusoma kwakuwumkhuba othinta ucansi noma ngithi ophathelane nocansi . Izizwe zabansundu zaziwukhonze kakhulu lo mkhuba . Umahluko phakathi kokusoma nocansi lwangempela wukuthi ekusomeni insizwa ayifiki nhlobo enkomeni kababa ,iphelela emthangeni entombi.
Njengoba besengishilo ngenhla ukuthi lezo zingane ezagcina zikhulelisene kwabe kungezikaMashobana,yena-ke uMashobana wayezalwa nguZikode kaMkhatshwa kaKhumalo kaMntungwa kaMbulazi . Imizi kaMashobana yayiminingi kodwa sizothinta emithathu kuphela . Kwakukhona iNdinaneni (kwabo Mzilikazi) , iNyanda/eNyandeni (kwabo Ngonyama) kanye naseNsingweni (kwabo Mdleleni)
ENdinaneni uMzilikazi wayezalwe waba nguye yedwa vo ingane yomfana . Izintombi ayezelwe nazo kwakungo Nozipholo , Nozinhlwathi , Ntanase ,Ngiyalila nabanye . Bonke laba bantwana bakaMashobana babephuma kuNompethu indodakazi yenkosi uZwide kaLanga,inkosi yabakwaNdwandwe. Kwathi ngesikhathi zikhula lezi zingane zaseNdinaneni kwathathwa uMzilikazi wayiswa eKuqobokeni nokwabe kungenye yemizi yenkosi uZwide wayokhulela khona ,efundiswa ezezimpi . EKuqobokeni wafika wathola izinsizwa ezifana noSoshangane Nxumalo ,Zwangendaba Jele ,Somaphunga Ndwandwe nezinye ,wafika waba kanye nazo futhi wafunda lukhulu kuzo ngoba wabe emncane kakhulu kuzo. Ngesizathu sokuzalwa kukaMzilikazi eyedwa ingane yomfana nanokuya kwakhe eKuqobokeni kwathi ngenkathi sekulanyaniswa izindlu zakwaKhumalo kwathathwa uNgonyama noMdleleni bafakwa kweyeseNdinaneni ,bafakwa esiswini sikaNompethu bayokhulela khona. EseseNdinaneni uNgonyama wayetuswa ngokuthi ‘wena waseNyandeni noma kuthiwe wena we Nyanda’ kwakushiwo umuzi ayezalelwe kuwo. Kwahamba kwahamba wagcina esebizwa ngoNyandeni ,futhi kwagcina kuchume lona elikaNyandeni . Kwahamba kwahamba uNgonyama wagila umkhuba , wakhulelisa enye yezintombi zaseNdinaneni kusukele emdlalweni noma emkhubeni wokusoma .Ngokwesabela impilo yakhe uNgonyama wathatha leyo ntombi ayeyikhulelisile babeleka bayobhaca enhlathini elabe liseduze ,elalaziwa ngokuthi yiNyanda . Ihlathi iNyanda lingasentshonalanga yentaba iNgwibi ngaseMkhuze buqamamana nje kancane nalapho kwakwakhelwe khona umuzi waseNyandeni. UNgonyama wahlala lapho-ke nentombi yakhe kwaze kwafika isikhathi sokuba ikhululeke. Ngempela yabeletha ingane yomfana eyethiwa igama kwathiwa nguKhukhuza .
Ngokomthetho wabaNguni kwakuthi uma iklwa lithe lagwaza ekhaya babuphela nya ubuhlobo kulowo osuke egwaze ekhaya nomndeni asuke egwaze kuwo. Nesibongo sasishintshwa aphiwe esinye . Baphela phakathi kwabakwaMdletshe nabakwaMthethwa, baphela phakathi kwabakwaMabhida nabakwaMkhize ,baphela phakathi kwabakwaMdlalose nabakwaZulu. Ziningi ngingabala kuphele iminwe nezinzwane. Uzalo lukaNgonyama manje lwaziwa ngokuthi lungolwakwaNyandeni nokwabe kungelinye lamagama akhe ,lisesulwe egameni lomuzi wakwabo.
Ngakho-ke ubuhlobo phakathi kwabakwaNyandeni nabakwaKhumalo abusekho manje ,yinto ekade yaphela ingakho nje lezi zibongo seziganana manje kungabi ndaba zalutho.
UKhukhuza wazala uGasela noNzine . UGasela wazala uNgono owazala uVumisa
Izithakazelo zakwaNyandeni
Nyandeni
Mashobana
Vumisa kaNgono
Khukhuza kaNgonyama
Zingwe zimbili ezalwa zabulalana kwaNtaba Ntshanini
Ngwadla phakela izigqala zakwaLibose
Wena waseNdinaneni
Abantu bakwaJele bangabeNtungwa ngokwezigaba zabeNguni . Ukhokho wabantu bakwaJele nguPhahla owabe eliwele noGumbi bezalwa kwaQwabe . Ngakho-ke abakwaPhahla , abakwaJele kanye nabakwaGumbi bayizihlobo zegazi . Ngenkathi iSilo u-Shaka sihlanganisa izizwe umuntu owabe egqame kakhulu kwaJele nguZwangendaba kaJele , u-Jele nguyena okwaqanjwa ngaye isizwe.
U-Zwangendaba wabe engomunye wezinduna zenkosi u-Zwide kaLanga . Ngakho-ke ngenkathi kuqikilina amakhosi amabili oShaka noZwide u-Zwangendaba yena wayegqishe ngasenkosini u-Zwide nokwathi ngemuva kokunqotshwa kwenkosi u-Zwide inqotshwa iSilo u-Shaka u-Zwangendaba wabona kukuhle ukuba elibhekise enyakatho
UZWANGENDABA JELE
UZwangendaba kaJele kaQheko kaLoyanda kaNyandeni kaNgubuyamakhosi kaPhahla [u-Phahla wabe eyiwele noGumbi owazala abakwaGumbi]wayengenye yezinduna zebutho laMaphela nokwakulibutho lenkosi uZwide kaLanga. Wayengelinye lamaqhawe enkosi uZwide kaLanga nokwathi ngemuva kokunqotshwa kwenkosi uZwide inqotshwa yiNgonyama uShaka uZwangendaba wabona kukuhle ukuthi alifulathele elakwaZulu abhekise amabombo enyakatho.
Kwakuwunyaka ka 1821 ngenkathi uZwangendaba esuka kwaZulu eya enyakatho,kungalowo nyaka lapho noSoshangane Nxumalo, (owayelwe ngasohlangothini lwenkosi uZwide) uNxaba kaMbekane kanye noMzilikazi kaMashonana Khumalo(owayelwe ngasohlangothini lukaZulu)nabo balifuthela elakwaZulu. Kwathi ngonyaka ka 1822 uZwangendaba wakha amadlangala phezu komfula iNkomati (Manice River).
Ekusukeni kwakhe kulawo madlangala wabhekisa amabombo lapho usekuyidolobha laseMbombela khona wafika wahlelesela eminye yemizi yeSilo uSobhuza wathumba abantu maqede waqhubeka nohambo lwakhe. Kulabo bantu ayebathumbile kwakukhona owesifazane ogama lakhe kunguNyamazana okwaqanjwa ngaye indawo yakwaNyamazane eMbombela. Indawo yakwaNyamazana imbandakanya amalokishi iLekazi, iPinaar kanye noMsogwaba. UNyamazana naye wabe eyiqhawekazi eliyisimanga (sisazobuye sixoxe ngaye)
Kwathi ngonyaka ka 1831 uZwangendaba wenza umfelandawonye noSoshangane Nxumalo kanye noNxaba Msane bahlasela izizwe ngenhloso yokudlondlobalisa imibuso yabo. Kodwa leyo mizamo yabo yagcina ibhutshile ngoba babuye bajikelana bodwa kwaqubuka enkulu impi phakathi kwabo,uZwangendaba noNxaba bahlanganyela uSoshangane. Kuleyo mpi wabanqoba uSoshangane ize babemhlanganyele . Leyo mpi yalwelwa eDalagubha (Delagoa Bay eMozambikwe. La maqhawe amathathu ayesefunde indlela yokulwa ngomkhonto owodwa obizwa ngokuthi yiklwa noma ijozi nokuyindlela yokulwa eyaqalwa yiSilo sakwaDukuza. Kodwa-ke bona iklwa basebelibiza ngegama elihlukile, elithi u-‘mdikadika’.
Kwathi ngemuva kokunqotshwa kwabo nguSoshangane uZwangendaba wabhekisa amabombo ezweni labaLozi naMakaranga lapho osekuyizwe laseZimbabwe. Ngaleso sikhathi wayengakafiki uMzilikazi kuleliya zwe ngoba yena wafika ngonyaka ka 1837 enyangeni kaLwezi.
Ngenkathi uZwangendaba efika ezweni labaLozi naMakaranga wafika esevuke umbhejazane ngoba wayesebulala kwasani. Wabulala amakhosi akhona oChangamire noTshilisamuhulu, akagcinanga lapho okaJele wabuye wabhidliza nezakhiwo zabaLozi naMakaranga ezabe ziligugu elikhulu kubona. Lezo zakhiwo kwakuyiKhami, iDlodlo kanye naMaswingo.
Lezo zakhiwo zazishiye zakhiwe inkosi uMwene Mutapa eminyakeni yama 1400. Amakhosi amaKaranga kanye nawabaLozi ayengawakhi amaqhugwana , ayakha izindlu impela ngezitina. Ukwakha izindlu ngezitina ayekufunde kumaPhumalimi angamaPutukukezi eminyakeni yama 1400.
UZwangendaba wenza zonke lezimanga nje ukhona uNyamazana, bazenza ngokubambisana lezi zimanga. Esewabulele amakhosi aseBukaranga kanye nawaseBulozi uZwangendaba wakha imizi yakhe esingabala kuyo owaseNdingeni(kwabo Mmbelwa), eKhahleni, eLangeni, eZondweni (kwabo Mthwalo) eMbangweni neminye. Wahlala lapho waze wahlaselwa nguSoshangane ngonyaka ka 1834, wabuye wamhlasela futhi ngonyaka ka 1835. Ngasenyakatho yezwe likaZwangendaba kwakwakhe uNgwana Maseko ongazange asinde naye ngenkathi okaGasa ehlasela.
Kwathi ngawo unyawo ka 1835 uZwangendaba wafuduka washiya uNyamazana kwelaseBulozi ngoba esemiswe kabi nguSoshangane. Esinye sezizathu esabangela ukufuduka kukaZwangendaba ukuthi wayesezwile ngezinhloli zakhe ukuthi uMzilikazi Khumalo wayesakhe eNtilasifali izwe lakhe lisuka koMosega lize liyovinjwa umfula uNgulukudela(Limpompo River). Lezo zindaba zamenza wahlalela ovalweni ngoba yena noMzilikazi babe beyinkukhu nempaka ngesizathu sokuthi uZwangendaba wayethinteka ekubulaweni kukaMashobana uyise kaMzilikazi owabulawa yibutho lenkosi uZwide elalaziwa ngokuthi yibutho laMaphela. UZwangendaba wayengenye yezinduna zaMaphela njengoba besengishilo ngenhla. Ngakho-ke uMzilikazi wayezomhlasela uZwangendaba ukuba wayeqhubeke wahlala kwelaseBuLozi.
Ayavela amagama oZwangendaba noNyamazana ezibongweni zenkosi uMzilikazi uma kuthiwa ‘Unsingo yashaya uphawu kwezikaZwangendaba ngoba ilushaye kuNyamazana iNgwane’.
UNyamazana wasala ezweni lasebuLozi, wagcina esegane inkosi uMzilikazi kwazalwa indodana uNyanda Khumalo. UZwangendaba wakhothama ngonyaka ka 1848, washiya engayikhombanga indodana eyayizothatha ubukhosi ngemuva kwakhe ngakho-ke kwathi ngemuva kokukhothama kwakhe kwabamba umnewabo uNtabeni kaJele ka Qheko ka Loyanda ka Nyandeni ka Khali kaLuvuno. UZwangendaba wayezele amadodana amaningi kodwa kwagqama oMphezeni noMbombela .UNtabeni wayebambele uMphezeni owayesemncane ngaleso sikhathi. Kwathi ngenkathi uMphezeni esegcotshiwe ukuba abe yinkosi yaMaZwangendaba uMgayi kaMafu kaJele waphikisana nokubekwa kwakhe wathi uMbombela okwakumele abe yinkosi hhayi uMphezeni. Asazi-ke ukuthi wayekusho ngaliphi lokho. Ngakho-ke ngaleso senzo sikaMgayi isizwe sikaZwangendaba sagcina sihlukana kabili. Esinye saholwa uMphezeni, kwathi esinye saholwa uMbombela.
UMgayi wayezalwa uMafu umfowabo omdala kaZwangendaba. UMafu wasala kwaZulu ngenkathi uZwangendaba elifulathela elakwaZulu.
Isizwe sakwaJele esiseMalawi manje saziwa ngokuthi esakwaJere ngenxa yokuhluleka kokubiza igama okuyilona kwabantu baseMalawi. Sibuye saziwe ngokuthi abaNgoni. Lesi sizwe manje sisithola sizinze esifundeni saseMzimba -Bona eMalawi, sibuswa inkosi uMmbelwa yesine..
Leave a Reply