Izithakazelo zakwa-Hlatshwayo

Mhayise wakoLanga, Ngwanya, Siyendana, Cebisa kaMabhengeda, Ugid’gogweni ovala emnyango ngamakhanda amadoda, Mgogodlana, Nina enanqoba ibuhto lakwaGob’izembe, Ngele! Ihubo lakwa Hlatshwayo: “Wabulala amakhosi, ingwe yohlanga Mana nkonyane yohlanga, Ungwanya bamazi izwe lonke, izwe lonke Nkonyane yamaNgwanya, bayethuka Soka siwashise amankengane, sicwecwa izizwe”

Previous

Izithakazelo zakwa Hlophe Clan Names

Next

Izithakazelo zakwa Gumede Clan Names