Izithakazelo zakwa Hlatshwayo

Mhayise wakolanga,
Ngwanya,
Siyendana,
Cebisa kaMabhengeda,
Ugid’gogweni ovala emnyango ngamakhanda amadoda,
Mgogodlana !
Nina enanqoba ibutho lakwaGob’izembe,
Ngele !

Ihubo lakwa Hlatshwayo:

β€œWabulala amakhosi, ingwe yohlanga

Mana nkonyane yohlanga,

Ungwanya bamazi izwe lonke, izwe lonke

Nkonyane yamaNgwanya, bayethuka

Soka siwashise amankengane, sicwecwa izizwe”