Nkosi, Hlongwane, Sangweni, Mntungwa, Ngwane, Ndabezitha,
Nkosi yohlanga,
Uluhlongwane,
Unkulunkulu esimphiwe nguMvelingqangi umdabuko,
Wadabuka eluhlangeni,
Ungenamafu,
Usangolibanzi elingavulwa abantukazana ngoba livalwe ngezihlangu zamadoda,
Nina bebutho likaSangweni elingawelwa abafokazana liwelwa izinkonjane zaseMangwaneni
Mwelase ongaweli ngezibuko, owela ezinhlangeni zomfula
Ndaba wakoLanga,
Masenga sileke,
Nduku zinobulongwe,
Zikhali ezingalingani nezamaxhegwana,
Ngwadi,
Ligwalagwala lakithi elimadolo abomvu,
Ngwane, Thunyiswa,
Matiwane,
Masumpa,
Tshani obude kaNsele,
Nkosi yohlanga, Ngwane, Mntungwa, Dlamini, Hlubi,
Ndabezitha !!
Educational videos
π SEARCH π+ ADD CLAN NAMESβΆ UTube Channel