clan names 💙 clan history 💯

izithakazelo

Izithakazelo zakwa Khomo 😍 Khomo Origin

  • Isibongo sakwakhomo sidabuka kwasbiya
  • Sehlukene izigatshana naso ngokwaso, ngizothatha ukhomo zamisa, ngimshiye uphambuka nezinye.
  • Loluhlangothi lukakhomo lwabaleka ngesikhathi sezimpi zemfecane bayokhosela kwaxhosa bafika baphenduka amampondo, kodwa nakhona babuya bazinze empumalanga duze nenkosi umakhanya lapho namanje babizwa ngamampondo.
  • Khomo,
  • zamisa,
  • mbundu,
  • yiga,
  • nomenco,
  • ncamuza kancane abanye bencamuza kakhulu,
  • mnyaphane,
  • khomo ongathethi othetha ngoba konakele,
  • sbiya ngezinkomo abafokazana bebiya ngamahlahla.
  • kukhona nokhomo phambuka yena ngingene manje kuye…

Previous

Mkhize Clan Names

Next

Izithakazelo zakwa Gumbi khohlisa lethwa scubi

2 Comments

  1. Thabani Khomo

    Ngibingelele
    Kwamnandi futhi kuyethusa ukuthola lomlando ngo Khomo, Ngifisa ukuthola kabanzi ngalomlando, ngisacela ungipha amanye ama references engingafunda kuwo ngalomlando

    Ngibonge

  2. Prince Khangelani Shozi

    Izithakazelo zenkosi ebusayo kwezinye zezindlu zikwaQwabe kaMnguni,uSibiya, Owengonyama Inkosi uMfanseni Phillip Khomo kaSennet waseNkanyambeni Royal Palace.

    Bemkhomba engasolwanga uMnguni,wena okaMalandela kaLuzumana, Luzumana kaMdlani, uMdlani ewuMnguni, uMnguni kaYeye ithole likaGumede, uGumede kaLufenu,
    Lufenu kaMnguni womkhulu. Wena thingo likaQwabe, uKhomo!, uPhambuka! ukhozi elazingela’makhosi, uNawana! omkhonto ohlaba hlongothi yombili, uMbimbi! iBhubesi elabhodla umlilo
    kwakhothama amakhosi, izizwe, nezizwekazi, Mhlanwendlovu.Khomo ongathethi othetha ngoba eqaliwe. Cabuza kancane, osbiya ngezinkomo abanye bebiya namahlahla.Sbindi samadoda awusolwa, nkanyezi yebutho, mkhonto ohlaba ubuye ungenagazi.
    Mkhomazi ongagcwali ebethi ugcwala ngomoya ,Bayede Mkhomazi! owawela uMdlebe ngogodokazi.Nkanyamba eyagwinya izizwe nabafokazane. Nkanyamba eyathweswa ulwandle yakhaful unyazi. wena skhumba ubazwe ngegolide, Phakathwayo! wena ompungampunga kombani wezulu,
    wena wethonga elihle njalo njalo, ntsika yezinsizwa. Bhele likaVeludlomo, wena obkhazi kombani wezulu. Wena owadla ingwenya no’pelepele. Bhungezi! Bhelekhulu, Bhele likaZinda , elwanqoba ulaka likaZembethe,
    lasinda elamaNguni, lasinda elamaQwabe, wagadla ngoGcinumbimbi ubhejane eladlu’mdlebe. Myovu owagingqa indlovu, wena owezintandane. Bayede! Bempumputhe esweni bemuzwa ngendaba uVikela kaGcinumbimbi bethi uVikelukhomo,
    ibhubesi, ingonyama, imbube, unguye nguye, usgcawu samadoda sivutha umlilo. Wena mpisi zidedela emaweni iyosengwa ikhalela ubala. Zembe! wenangwe enganamabala emabalana ngegazi, mkhonto okhomb’ilanga,
    wena sziba esasonga izinymazane ngamazenge, mkhonto ohlaba umkhovi ezintabeni, mkhonto owanqanda ulwandle, wena owenkanyamba, umacaphuna kusale, uzinkomo zisitha intaba.
    Gadlangaye sbindi sebutho asisweli k’phakelwa, Ngwana owadl’impi ngegenge, wena mkhonto ubal’amazola, Dlangamandla izinkomo zamadoda. Wena owokhulukhulwane, wena’ngwe eyadla abafowabo,
    Nkunzi eyadlamathole esbayeni. Zukulu likaHlanga elagcotshwa ngamafuthe engwe,Sgcawu saNkonjawana, bhonga, wena wenkanyamba eyabazwa ngegolide, wena ozindlebe zisemkhathini, wena womkhathi.
    Wena phunga limtoti, Geleza, Nandisa, Yiga, Nomenco, Qwabe kaMalandela, Khondlo, Zingelwayo, Mpangazitha. Maphangela, wena owahluma emfuleni nokhuni livutha umlilo.
    Zembe eladla amazola, wena sbindi awuphakelwa, wena omaphondo phondo, qakama nkembe eyaphangela uNtsongwane, yadluNjinji, Zimlandela uMbedu, inkalo kaMkhondo, yadli’ngonyama, ladli’bhubhesi
    wadla uMbimbi, ladla iNawana, umehlemamba, wena wezinyana, wena wezinyangezulu, wena womkhulu, wena omkhulukazi kwizizwe. Nkembe eyadabuluvalo, wadla uMakhanya, wadlu’Nomenco, wadlu’Yiga, wadlu’Mbundu
    wadlu’Mgenge, wadlu’Dludla, wadluSotobe, wadlu’Gazu, wadlu’Mnyaphane,ethi uyamdayisela ezidayisela yena. Nkominophondo, wena nkanyamba, mkhonto wobkali obala amazwana,
    wena owaphekhwa netshe lavuthwa kuqala, omala nentombi ivuke icele umntwana. Wena owadla uMahlinza ehlinza umuntu ephila,wadla uNdlandla, uMangena owabona kuvele inyama,
    Wadla uJiyane, nyonyi emhlophe, wadla uNkabenhle, uDangazela, wadla uMzitshwa, uMgidliza. Wena owamakhosi, wenaGeleza okhomba izinkonjwana. uMandizela phezulu omaphikophiko okwe’gwalagwala.
    Shlangu sikaQwabe, izubulu lika Sibiya okaMalandela ngokulandela izinkomo zamadoda, wena okaMnguni, wena Ndulamithi engabuswa. Sqalo samadoda, sodumo kaZembe, wena Ndlulamithi ebusa kusa zimpondwana. Nkabemhlophe, bemhlaba ngameva engazwanga yini,
    wena Ntsiya ntsiya, uZizwezikababa, onkomo zisengelwa eweni isengelwa esbayeni aksiyo eyabo, wajumpula uMngadi wawa kanye noMaphalala. Liphakama iZembe lamaZola, oweziNzuza, usbindi uyaphilisa,
    ozala uNqobizizwe! owadla uNgwazi ngaphesheya kwezintaba, wena wakwaKhiphu’nyawo. Wamshiya uMndungwe, Wamshiya uSbaniselanga elawela izilwandle. udubandlela izintombi zimlandela, wena obkhazi khazi,
    Mhlanwendlovu eyazingela amakhosi, Ndabezitha kaMnguni, uqwaqwada ngokqwaqwada amadoda, Mngenazwe, bemphikela evela ngenkungu entsundu ntsundu, uguqandlovu, uDumazulu
    uMpandweni, Ntsongwane odliwa umzila, umzila kaNqoba bethi bemkhaphela wavela umntwana omuhle wethonga, uThongelihle! uMzinto entsundu ngenkani, Oqawekazi empini, oNgangolwandle.
    Unqgikithi, uMakhosonke, uBhejane kaNkayamba, noBhele ka Bhubhesi, uMndaweni. uMbimbi omkhulukazi, mthunzi wamagwala, wena nkomo isengelwa emeveni, Dubazane! Bayede! Mganu, wena ongangezwe! Gatsha elimakhanda’khanda, mbonazwe, gabagaba, nkomazi eyeqa uThukela, uNtsika Ntiska, mathe nyosi, dakuda wena owabona inkuma, mzwangeni, okaMadikiza, ugebe, Madlangezwe, zangaza, mkhuba omuhle,Nyezi, Gedenga, maconsi angwana, phikela owaphikela izintandane, busa kusa, Mkhomazi woMdlebe, Mzunguli waMasikane khloli izinyamazane, ukhangalaza, wena ondlebe ziseZulwini, zungeza owazungeza imfuyo yamadoda, uNgwazi islilo samjiyako, ushlobo esihle, uNkenkelezi ewadlu ‘Mdlebe wamthulisa imethula kwamathonga, ugodogodo, gaba ngezukula, ubhebheza, olusa izinkomo zamadoda, gebe obusa kuse, wena owadlizibuko elusa uSdinani, Nkwekwenzi kaZembe eyadl’uMgabi ekhomba iSdinani kaMpangazitha, ethi umemeza konina emaShobedweni, wamudla uMasongela owasongela uNhlamvana ngonyazi lwenkanyamba, uMahlombengwe, Bayede! Khomo omkhulu.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: