Izithakazelo zakwa Kubheka Clan Names

Khathide πŸ™Œ
Masobode,
Wena owasobodela udlubu nokhasi,
Mgwaqo awedlul’esibayeni, ngoba kuvalwe
ngamakhanda amadoda,
Mbend’ebomvu enjengetolwane, Boya obuningi obungangenyathi,
Mbokod’ebomvu kaMagayiza esunduza abeSuthu
namaNdebele,
Sicabha esihle esakhothwa izinyoni
zakwaKhathide,
Sombheshane, Makhunga, wena owakhunga izimbila emgedeni,
zaphuma zingenamisila,
Nanamuhla azinawo umsila ngesimanga
sikaMaKhunga,
Ndolwane,
Magonondo! πŸ’›πŸ’›

More about Kubheka

Educational videos


πŸ” SEARCH πŸ”+ ADD CLAN NAMESβ–Ά UTube Channel

Leave a Comment