MAKHUNGA,
Khathide,
Sobahle,
Lugodo alushi lusha ngoba selubaselwe,
Makhunga owakhunga izimbila emgedeni zaphuma zingenamsila
Nana muhla azinamsila,
Nina enaphuthwa ubukhosi ngenhla yobunono,
Lindisa,
Phethela !
others know these:
Makhunga
Nzomane
Mbhuqu
Njenje wamafu
Godo alushi lusha ngokubaselwa !
Thanda
Mina ngifuna ukwazi ukuthi sivelaphi thina ngempela
Nellie Nkosi (KaMakhunga)
thina sithi Makhunga Nzomane Mbhuqu Njenje wamafu Godo alushi lusho ngokubaselwa
Siziwe Kumsha
I also need more clan names for ooMakhunga, ooMdluli .
Khaninabe
Zukile
OoMakhunga ngoMdluli ongadlulwa, ooSkwatsha, oNgwekazi, oSgoloza.
Ntombi
If anyone can help ngazo izithakazelo zakwa Makhunga ngingabonga
Aphelele
Nzomane njenje makhunga khathide wena owamafu owawela emazibukweni mbucu scabha esihle esakhithwa izinyoni zako khathide kubheka
WS MAKHUNGA
Thina sithakazela sithi futhi Mncadi, ekhaya eMsinga, kuthiwa yise MaNcadini. Mncadi, Mondi kaMndaba, Sobahle
Mahlase Sando
Ngiyakufakazela WS. Thina esakhe nani sinazi kanjalo.