Ncube

Mzilankatha

Gabadeli

Nhlansi

Khambule

Inkatha kayingen’endlini,

Yangena kubola izinkaba zabantwana,

Nina bakaNkomo zilal’uwaca,

Ezamadojeyana zilal’amankengana,

Mlotshwa,

Malandel’ilanga umaliyoshon’emaNcubeni,

Mpangazitha, Magasolo,

Nina basebuhlen’obungangcakazi,

Abadl’embeleni wenkomo kungafanele,

Kwakufanel’udliwe ngabalandakazi,

Nina bakaDambuza Mthabathe,

Nina basemaNcubeni enabalekel’uShaka naziphons’emfuleni,

Kwakhuz’abantu benifihla,

naphenduk’ abakaKhambule,

Nafik’ eSwazini naphenduk’uNkambule,

Msuthu,

Mncube onsundu ngezinyawo zakho,

Wen’oyithath’iNkosi uyibek’enhlabelweni,

Nina baseSilutshana,

Nin’enakhelana noMbunda,

Nina bakaMaweni,

Nzimande,

Mncaphayi, Shezi,

Malangatsha!

Ncube ® clan names. Ncube Surname Meaning | Ncube Origin. Ncube History

Ncube ® clan names. Ncube Surname Meaning | Ncube Origin. Ncube HistoryThe meaning, origin and history of Ncube surname is Read more

Izithakazelo zakwa Ncube

mzilankatha omubiza benkos bantu ozihlama kazipheli umzila kawulondwa owulondayo ngochita iskhathi ompongose ngoncube omakhisele indezifiki zivalwa yiziphongo