Sibindi Clan Names:

ESibindi, eGodonga eMsundulomunye, Bengwani, Mtungwa weZembe
Mbuduma kaMasoka kaManala, Wen’ owasok’ Amadod’ elibele ethi awuyikusoka, Kant’ usoke ngokampeyana.
Ncagu ncagu ngokomzimba Kant’ uDumo lwakhe lukhulu,
Luzwakel’ eNyakatho
Luzwakel’ eNingizimu
Luzwakel’ eMpumalanga
Luzwakel’ eNtshonalanga !

Wen’ owagqagqel’ umuzi weNkosi ngotsheko,
Wen’ owangen’ esizibeni nesikhuni sivutha
Waphinde waphuma naso silokhu sivutha
Mthunzi waMakhosi,
Wen’ owacashisa okaMashobana, mzukwana ebalekeluShaka
Kant’ uzokhel’ amalahl’ ekhanda

Nkunz’emanxeba nxeba
Eyagwaza zonk’ kodwa ayaze yaphec’intamo
Mathunda kuzalw’ amaduna
Ezinye zithund’ kuzalw’ ezinsikazi !

Zinyane lemvubu elahlonitshwa yiNgwenya
Laye layovumbuluka kwaMthwakazi
Kodwa eNdubazi naseMgidla beliphika
Bethi laloba, ladliwa yingwenya yakwaMatshobana
Kanti lisawadla amabele !

Ndlondlobala Mdlodlom’ omnyama wakwaMnyamana
Nethezeka nsika yendlu yakwaNdebele
Nab’ ugabh’ amathaf’ oGwembe noNgulukudela

Godonga, Sibindi sikaMdali, Msundulomunye, Bengwani, Mntungwa, Manala kaMusi !!!

Bhengu Clan Names  👑

Izithakazelo zakwa Bhengu 💛 Clan Praises Bhengu Ngcolosi! Wena wakwaDlabazane,KaNgwane, KaNephu kaLamula, Nyawo zigezwa ngamazolo, Read more

Bhebhe Clan Names 😍

Izithakazelo zakwa Bhebhe Bhebhe, Makhedama, Soyengwase, Nina bakaBhebhe kaMthendeka, Nina bakaSoqubele onjengegundane, Nina baseSiweni, KwaMpuku Read more

Izithakazelo zakwa Biyase ? Biyase Clan Praises

Biyase Clan Names Khathini, Ziqubu, Ngonyama yenduna, Luphondo!

Biyela Clan Names 😍 Izithakazelo

Izithakazelo zakwa-Biyela Ntshangase, Menziwa, Njezi ka Xhoko! Ndabezitha! Mvundlane wasoKhabeni, Mbeng'osinda abosi, Mgazi!