Kheswa clan names & praises

Mnguni
Nozulu ka Malandela
Mpangazitha
Makhathini
Mpofana
Mbanguba
Thukela
Mnguni omuhle wakwa Mchumane
Liyasa liyasibekela nina bezulu eliphezulu eladuma lathatha umuntu kwanga kulunwanda kwathiwa inkosazwe iyadlala aMachumane amahle aluhlaza abushelezi njenge tshe lomfula iziMpofana ezawela umlazana ngameva ngaba khungwa ngo gongolo enhla ne Mpofana ne Thukela Olundi olumahlikihliki Mageba inkonjane ebomvu endiza emafini Mazala Nkosi intombi engagananga kwa Kheswa iyozala izinkwapha ngezinkwapha kepha eganele kwa Kheswa iyozala aMacocobela usuthu oluzalela izinja lungazalela izinzule luyahlana Nozulu ka Malandela ka Luzumana ka Mnguni