πŸ’›

izithakazelo

Izithakazelo zakwa Mbanjwa Clan Names Umlando

Izithakazelo zakwa Mbanjwa

Sokhela,
Nyon’emyama,
Eyabizwa ngekhwela yasabela yathi tshiyo,
Gqabela kavezi,
Wena ozalisa abafazi baliwe amadoda abo,
Mzukuzeli ulwandle aluwelwa luwelwa zinkonjane ezindizela phezulu,
Mpazela,
Sisho wena nkanyezi yezulu,
Mzekwa,
Galaza,
Magujwa,
Dindela!

Abanye bazihaya kanje:

Mbanjwa

Gebani
Ntimela
Mpethuzegusha ziyanyakaze
Mathumbamhlophe njengekhephu
Maphekwa netye lavuthwa kuqala kunabo..mathajiyayo njengenqodi.

Previous

Izithakazelo zakwaMbambo Clan Names Umlando

Next

Izithakazelo zakwaMbokazi Clan Names Umlando

5 Comments

  1. Sphesihle A. Mbanjwa

    Mbanjwa
    Khathini, Chamkazi, Mnguni, Ngugwini, Qhud’elakhala entla kwendlela lathi kilikigi, Amakhuz’amhlophe, Abangobokazi, Abangawudli umbilini ongaphakathi odliwa Abalandakazi, OoMnyakazi ka Novalela.

  2. Khanyi

    Mbanjwa
    Khathini
    Samu
    Mayoyoyo
    Mancisha kancane
    Nina enaphekwa netshe lavuthwa kuqala, nina nagongobala!
    Lwandle kaluwelwa izinkonjana ezindizela phezulu!

  3. Thina siloluphi uhlanga

  4. Busie

    Mbanjwa
    Gebani
    Ntimela
    Mavuso
    Mpethuzegusha ziyanyakaze
    Mathumbamhlophe njengekhephu
    Maphekwa netye lavuthwa kuqala kunabo..mathajiyayo njengenqodi.

  5. Mbali

    Khathini

    Chamkazi choboza umhlanga ngokungakhathali kuveleke indlela

    Mzukuzeli owaphekwa netshe lavuthwa kuqala laqhuma wasala esagogobele

    Mancishana kancane ngokwesela izinkomo zikhona zephula isibaya

    Ngungwini mfulwa awuwelwa Magqabela uwelwa zinkonjane sezi ndizela phezulu

    Mpanzela owagutshwa yimpunzi emahlathini koMacelebeni

    Mnguni omuhle ngamehlo noma angalala akawudli umbilini nyama yangaphakathi yenkomo idliwa ngabalandakazi

    Mshiywa yizitha zakhe zithi zimelamele zingabuzanga elangeni lapho esevuka eqotha mbokodo nasisekelo kwalawula hlala la Mlahlankosi engabe la Mphafa emzini yabafokazana

Leave a Reply to Mbali Cancel reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén