Izithakazelo zakwa Mbanjwa zithi:
Sokhela,
Nyon’emyama eyabizwa ngekhwela yasabela yathi “tshiyo!”,
Gqabela kavezi,
Wena ozalisa abafazi baliwe amadoda abo,
Mzukuzeli ulwandle aluwelwa luwelwa zinkonjane ezindizela phezulu,
Mpazela,
Sisho wena nkanyezi yezulu,
Mzekwa,
Galaza,
Magujwa,
Dindela !!
Abanye bazihaya kanje:
π SEARCH π+ ADD CLAN NAMESβΆ UTube Channel
Mbanjwa
Khathini
Samu
Mayoyoyo
Mancisha kancane
Nina enaphekwa netshe lavuthwa kuqala, nina nagongobala!
Lwandle kaluwelwa izinkonjana ezindizela phezulu!
Thina siloluphi uhlanga
Mbanjwa
Gebani
Ntimela
Mavuso
Mpethuzegusha ziyanyakaze
Mathumbamhlophe njengekhephu
Maphekwa netye lavuthwa kuqala kunabo..mathajiyayo njengenqodi.