Izithakazelo zakwa Khambule
- Mzilankatha,
- Inkatha kayingen’endlini,
- Yangena kubola izinkaba zabantwana,
- Nina bakaNkomo zilal’uwaca,
- Ezamadojeyana zilal’amankengana,
- Mlotshwa,
- Malandel’ilanga umaliyoshon’emaNcubeni,
- Mpangazitha, Magasolo,
- Nina basebuhlen’obungangcakazi,
- Abadl’embeleni wenkomo kungafanele,
- Kwakufanel’udliwe ngabalandakazi,
- Nina bakaDambuza Mthabathe,
- Nina basemaNcubeni enabalekel’uShaka naziphons’emfuleni,
- Kwakhuz’abantu benifihla,
- Nafik’ eSwazini naphenduk’uNkambule,
- Msuthu,
- Mncube onsundu ngezinyawo zakho,
- Wen’oyithath’iNkosi uyibek’enhlabelweni,
- Nina baseSilutshana,
- Nin’enakhelana noMbunda,
- Nina bakaMaweni,
- Nzimande,
- Mncaphayi,Shezi,
- Malangatsha!
More information is available on our YouTube channel
click here
& BHENGU clan Dlamini Dlomo Dube Duma Dumakude Gasa Gumede history iziduko Izithakazelo Jali Jiyane Kunene Langa MALINGA Maphoto Mbuyisa Mdluli Meaning Mlambo Mlotshwa Mnguni Mntungwa Mpangazitha Msuthu Mthiyane Mthombeni Mwelase Mzilankatha names Ndaba Ndlovu Ngwane origin praises Qwabe surname Vezi zakwa Zikode Zulu β€οΈ
Unknown
Ongelengele amahlubi sikwangawo singabakwa khambule
Unknown
Yimi ke lowo mamzilankatha ,umalandel'ilanga, umpangazitha,umlotshwa