Mntungwa, Mbulaz’omnyama, Nina bakaBhej’ eseNgome, Nin’ enadl’umuntu nimyenga ngendaba, Nin’ enadl’ izimf’ezimbili ikhambi laphuma lilinye, Lobengula kaMzilikazi, Mzilikazi kaMashobana, Shobana noGasa kaZikode, Zikode kaMkhatshwa, Okhatshwe ngezind’ izinyawo nangezimfushanyana, UMkhatshwa wawoZimangele, UNyama yentini yawoZimangele Mabaso owabas’ entabeni kwadliwa ilanga lishona, BaNtungw’ abancwaba, Zindlovu ezibantu, Zindlovu ezimacocombela,
Nin’ abakwaMawela owawel’ iZambezi ngezikhali, Nin’ abakwaNkomo zavul’ inqaba, Zavul’ inqaba ngezimpondo kwelaseNgome zahamba, Nin’ enalukudl’ umlenze kwaBulawayo More Khumalo clans>> π Search here π+ ADD CLAN NAMESπ¬ Watch our videos
Unknown
Ngyabonga ngavele ngakhumbul’ ekhaya
Unknown
Ngicela ukubuza uKhumalo no Nkosi bahlobene ngampela yini noma izithakazelo ezifanayo futhi nakhona uMtungwa?
Unknown
MaMtungwa amahle ngiyaziqenya ngezithakazelo zakithi ngizithanda ukubhubha.ngithi unwele olude mantungwa