Kubheka Clan Names

Izithakazelo zakwa Kubheka

  • Kubheka,
  • Khathide,
  • Masobode,
  • Wena owasobodela udlubu nokhasi,
  • Mgwaqo awedlul’esibayeni, ngoba kuvalwe ngamakhanda amadoda,
  • Mbend’ebomvu enjengetolwane,
  • Boya obuningi obungangenyathi,
  • Mbokod’ebomvu kaMagayiza esunduza abeSuthu namaNdebele,
  • Sicabha esihle esakhothwa izinyoni zakwaKhathide,
  • Sombheshane,
  • Makhunga, wena owakhunga izimbila emgedeni, zaphuma zingenamisila,
  • Nanamuhla azinawo umsila ngesimanga sikaMaKhunga,
  • Ndolwane,
  • Magonondo!

πŸ” SEARCH πŸ”+ ADD CLAN NAMESβ–Ά UTube Channel

6 thoughts on “Kubheka Clan Names”

  1. Kanti kungani zingafani izithakazelo zakwa kubheka, sengididekile Mina manje ukuthi ngiwela kusiphi?

    Reply

Leave a Comment