clan names 💙 clan history 💯

izithakazelo

Mabaso

Want a t-shirt with your clans? click here to see pictures

Izithakazelo zakwa-Mabaso

Mntungwa,
Mbulaz’omnyama,
Nina bakaBhej’ eseNgome,
Nin’ enadl’umuntu nimyenga ngendaba,
Nin’ enadl’ izimf’ezimbili ikhambi laphuma lilinye,
Lobengula kaMzilikazi,
Mzilikazi kaMashobana,
Shobana noGasa kaZikode,
Zikode kaMkhatshwa,
Okhatshwe ngezind’ izinyawo nangezimfushanyana,
UMkhatshwa wawoZimangele,
UNyama yentini yawoZimangele
Mabaso owabas’ entabeni kwadliwa ilanga lishona,
BaNtungw’ abancwaba,
Zindlovu ezibantu,
Zindlovu ezimacocombela,
Nin’ abakwaMawela owawel’ iZambezi ngezikhali,
Nin’ abakwaNkomo zavul’ inqaba,
Zavul’ inqaba ngezimpondo kwelaseNgome zahamba,
Nin’ enalukudl’ umlenze kwaBulawayo,
Mantungwa Aluhlaza,
Mantungwa Amahle,
Bantwana benkosi,
Nin’ abakwaNtokela,
Inkubele abayihlabe ngamanxeba,
Abakhule ngezinyawo ezimfishanyana nezimaqhukulwana,
Inyang’ abathe beth’ ifil’ uZulu kanti isiyetheswe,
Yetheswe ngoNyakana kaMpeyana,
UBando abalubande balushiy’ uZulu,
UNtshwintshwintshwi kaNoyanda noNdaba,
UNkone evele ngobus’ emdibini,
Ndabezitha!
Maqhaw’ amakhulu!

Ngifuna isikibha esihle esibhalwe izithakazelo zami See pictures here

Previous

Mabanga

Next

Mabizela

12 Comments

  1. Nicky❤️

    Can I please have Mabasa’s ones please

  2. Gazi lami, ngiy'thumele izithakazelo to [email protected], ngiyethemba ukuthi abakwa Zuluring.blogspot.com bazozi-publisha kungekdala

    I-email address yami ithi: [email protected]. Ngingakuthumela konke odinga ukukwazi ngamaNtungwa ikakhulukazi oMabaso…

  3. Awu cela ungicacisela ngezakithi komabaso ngobanmina ngaz kuthi somzilikazi natji

  4. This is Izithakazelo zakwa Khumalo not zakwa Mabaso, if you are interest in updating this, please advise how can I contact you to sent the correct Izithakazelo.

    Khumalo and Mabaso are brothers with Mabaso being the eldest to Khumalo, all the names under this izithakazelo (Zikode, Mzilikazi, Mashobane come Khumalo Clan and not Mabaso).

  5. You can't they related

  6. Kahleni bo nishukuthi ubuhlanga buyasehlukanisa.Ngabe u Mabaso angashada no Mabasa.Cha angivumi

  7. Zikode!!!

  8. Hala to the mabaso's love you all #mntungwas

  9. Hi Chauke Mabasa, Mabaso is Zulu and Mabasa is Tsonga they are not related

  10. How are the Mabaso,s and chauke related

  11. Kuhle

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: