Izithakazelo zakwaMahlaba

Mahlaba, Mbunjwe, Nsukuze, Shenge, Fane, Mafe owamefuzela njebuzi liqhamuka emgqeni, Kati elalenga ngomsila esangweni kwaze kwaphela unyaka wohlo mathambo asesangweni ubalekisani abancane ngoba abadala bayozibalekela mahlashane kanekseni, Ungcwingcwi ophuza kwezide iziziba ngoba mephuza kwemfishane uqobodane abuye nodaka, Ugqiba ngonyawo olulodwa kodwa wonk amadoda egqiba ngenyawo zombili, Owethole elimanangananga elaphuza liguqile kodwa wonk amathole ephuza emile, Uketshezi loketshe indlovu edla ofakazi, Owomlilo owawubuhanguhangu owagijima wayoshisa izikhova ezimabedlana !!!