Izithakazelo zakwa-Makhoba:
Gwabini,
Hamashe,
Manzini, Geda,
Ncwane, ngankomo yaseMahenyeni,
Nyama kayishi, isha ngababhebhezeli,
Wena owaphuma ngenoni emgodini,
Sengwayo!
Gwabini,
Hamashe,
Manzini, Geda,
Ncwane, ngankomo yaseMahenyeni,
Nyama kayishi, isha ngababhebhezeli,
Wena owaphuma ngenoni emgodini,
Sengwayo!
Β© 2026
WISEMAN MAKHOBA
UTHAMI MAKHOBA USHAYILE IMPELA UMGEBISA.. THINA SINGO MAKHOBA , OJOKO KAMADANA KANGUYANA. SINGABE WABA ELIMNYAMA LASEMDLADLENI , ABALISHAYA NGEMIZACA YEPHUKA , ABASEZITHENI NABASEKHAYA. OQHOLO LAZITHA. THINA SINGABESIHLAHLA ESI JAME KWENA AMAZOLO , AMAMBATHA ESABA UKUSEHLELA. THINA SINGOMTHABELA KAGODLOZA UMAGWAZEGUQILE NJENGETHOLE.
Zakhele Makhoba
injalo bafowethu mina ngivuma no sbu asinyekeni ukuphikisana sibandawonye
Themba Makhoba
Ngiyabingelela ngicela ukubuza lapha kuzithakazelo zakwa Makhoba Uma zithi Wena owaphuma ngenoni emgodini kwakwenzenjani
Unknown
Umkhabela unephutha lapho
Unknown
Uyibeki mfwethu uZungu no Makhoba amawele izingane zomuntu, futhi baningi njengoba usho Manzini lana kuvela labo Ababa negalelo elikhulu futhi baphatha nobukhosi, mina nginguMakhoba lana eNquthu.
makhoba t
Cela ukbuza makhoba nawo uhlukene njengo nkosi