Izithakazelo zakwa-Malunga
Gatsheni,
Boya benyathi, obusonga busombuluka,
Mpongo kaZingelwayo,
Nina bakwaNdlovuzidl’ekhaya, ngokweswel’abelusi,
Zaze zeluswa intombi uDemazane,
Nina bakwaKhumbul’amagwala,
Nina bakwaDemazane Ntombazana,
Nina bakwaS’hlangu sihle,
Mthiyane,
Ngokuthiy’amadoda emazibukweni,
Nina bakwaMdubusi!
🔍 SEARCH 🔍+ ADD CLAN NAMES▶ UTube Channel
Thulisa ungena kuphi?
Yebo impela ithina labo….
Mtwana Sthulisika Ndaba umuntu ufunda aze afe impela ngiyaqala ukuzwa abanye oGatsheni ngaphandle kwethu oNdlovu…. ay ngikhulile