Izithakazelo zakwa-Masondo
Nyambose,
Mthethwa,
Dingiswayo,
Donga dilika,
Mathangana amahle afanele ukwenziwa,
Nina enalandela amasondo ezinyamazane,
Nina eniphuza amanzi emichachazweni!
Educational videos
π SEARCH π+ ADD CLAN NAMESβΆ UTube Channel
Ush'entshweni nsizwa yakithi.
mina ngokwazi kwami yingoba isibongo sakwa masondo sadalela ngokuthi kwakukhona ikhehla elalithanda ukuzingela lilandela amasondo ezinyamazane kwathi noma esakhe umuzi uma bekhomba khona kuthiwe yikwamasondo sachuma kanjaloke isibongo sakwamasondo kodwa kube kukwamthethwa yingakhoke nje umasondo engekho kwamthethwa ngoba uma ubheka umasondo yigama lomuntu owaba ngumasondo ngoba elandela amasondo ezinyamazane ebe engumthethwa
Umuzi wakwaMthethwa wawumkhulu ma lesiskhathi besuka eNyakatho beya kwaZulu bafikelwa indlala babonisa kuth benzenjan kuthola okuya ngasethunjini kwaxebuka idlanzana lapho laqoka kulandela amasondo ezinyamazane ukuze bazingele lezo nyamazane base belibiza ngokuth lingelakwa Masondo.mabethakazelake ngeke bemshiye uMthethwa yingakho esekuqaleni kwezithakazelo ilapho bebuya kona