clan names 💙 clan history 💯

izithakazelo

Masuku

Izithakazelo zakwa-Masuku

Ndwandwe,
Zisongo,
Mkhatshwa,
Zwide kaLanga,
Nhlane,
Mthondo wethusi uyacwebezela,
Thunda bathole abafokazane,
Snqamu sobhedu,
Maphanjwa!
Mgano owamila emini ebusuku wawohloka,
Wena owaguda inkomo nethole layo,
Sihlahla esingahlalwa zinyoni,
Zwide KaLanga.


More information is available on our YouTube channel


Previous

Masondo

Next

Mathaba

9 Comments

  1. BosoMaphunga SYABONGA Syaziqhenya ngomlando wokithi

  2. awuuuu NKABAYENKOSI!!!!!!M PROUD OF BEING A ZWIDE NATION!!!

  3. Mdwayi, Gabade'elihle. Wena kaMasuku onovalo njengempisi.Skhwece abasikhukhumeza maqede basinika ishungu logwayi sabhema.Wena kanjaninjani wasezikhubeni.

  4. Wena kaMabhili ongasekuya kwasomfunzwana.

  5. Hawu kwaze kwangithinta kwamancani! Mbombotshi! Mthondo Wethusi! Malobola ngalo! Mamila Empankalini njengo msunu! hahahahahahaha Kwaze kwabe mnandi ukuba NguZikode!

  6. Ziyafana bafo inkakhulu ngokomlando, kodwa ngenxa yokwehlukana kwemindeni amanye amaqhawe akithi abefike azakhele udumo endawe ayakhele bese amaciko akuleyonxenye yezwe enezezela ezibongweni zawo uma bembonga noma bemhasha.

  7. Umndeni wami udabuka e Piet Retief nase Swatini kodwa mina ngikhulele egoli. Ngithola ukuthi ubaba akazibizi zonke lezibongo. Ingabe amaswazi namazulu izibongo zabo ziyafana 100%.

  8. Mgano owamila emini ebusuku wawohloka,
    Wena owaguda inkomo nethole layo,
    Sihlahla esingahlalwa zinyoni,
    Zwide KaLanga.

  9. Mgano owamila emini wawohloka ebusuku!
    Wena owaguda inkomo nethole layo!
    Masuku!

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: