Izithakazelo zakwa Mbudu

Mhlanga!

Ndimande!

Ndimande kaNdimndwane!

Ndimndwan’odlumnkantsha!

Tshoko!

Sobiko!

Mabuya zendile izintombi zakwaZulu!

Mabuya!

Wena kaSonqele!

Mzizi!

Thekela ngomkhonto abafokazana bethekela ngamaqoma!

Thekela!

Mshololo!

Nzosha kaziqubu?_

Umlando wakwaMbudu

Umlando wakwaMbudu kasimtholanga umuntu owazi kabanzi ngawo, kodwa esikutholile ngeSbongo SakwaMbudu ukuthi lesi sibongo sidabuka ezweni laseBotswana, nokuyilapho kukhona khona lesi sibongo.
Abantu okungabanikazi balesi sibongo kahle-kahle akuwona amaZulu kodwa AbeTswana. Ingakho masithakazela kukhona la esithi khona “Mabuya zendile izintombi zakwaZulu “

Isbongo sakwaMbudu safikela eNkandla endaweni yase Qhudeni.
Ukufika kwalesi Sbongo kuthiwa kwahlangana intombi yakwaDlamini eNkandla EQhudeni nensizwa yaseBotswana, behlangana ekuhambeni edolobheni laseGoli kudala, bathandana baze bahlala ndawoye.
Base-ke bevumelana ngokuthi beyokwakha umuzi wabo emakhaya khona eNkandla EQhudeni, nokuyilapho bafike baziqalela umndeni wabo wakwaMbudu.
Kulapho okwavela khona amadodana afana noMlilwana noTshoko, kwaya kwaya sanda kanjalo ke isibongo sakwaMbudu ngezizukulwane nezizukulwane.