Mswane, Jolide, Mpofana,Mgada Nina bakaWuba owawuba ngentaba, Nina bakwakhozi olumaphiko olwathi ukuba lukhonzile lwabe selukhonza eMangweni, Nina bakwagobho kaziwudli zathi ukuba ziwudle zabe seziwuhlakulela, Nina bakwajojo akadlalanga wathi ukuba adlale yedwa wabe eseswela abanye, Nina bakwaMzanywa owakha izihlenga kwaMafuhlela, Nina bakwaMwelase aniwelanga ngazibuko bathi abanye bewela ngezimpambano zemigwaqo nina nabe niwela ngezimpambano zemifula, AmaWuba amahle anyawo zimhlophe, Nina bakwamathunzi ewuka ezintabeni, Nina bakwaMkhangezi wezandla ezibanzi, Nina bakwanhlabazane, Nina bakwaNhlali!
π Search here π+ ADD CLAN NAMESπ¬ Watch our videos
njabulonkanyiso@gmail.com
Jolide ngiyakhuleka ngicela ukubuza. Kungabe nihlobene noMazibuko noma bukhona kubudlelwano eninabo.
Mbekezeli Mswane
Ukuphendulo lombuzo, cha asihlobani no Mazibuko, thina singaMawelase ayi Mwelase. Ngoba sasiwela ngempambano zemifula abanye bewela ngempambano zemigwaqo. Kunephutha elenzeka kwagcina sekuthiwa Mwelase kanti Mawelase, olwami ulwazi angazi abanye.