clan names πŸ’™ clan history πŸ’―

izithakazelo

Msweli

Izithakazelo zakwa-Msweli

Nxele,
Muthwa,Seme,
Snono, Dingiswayo,
Zikode,
Nongalo waseMashobeni,
Dlovunga,
Sgubhu somkhonto,
Lond’elihle elingawadli amahlali,
Mpindela,
Mpisela yakoNgonyama eyadela umkhonto yathatha izembe ngoba lingumasheshisa,
Wena mageza ngegolide kube kuphuza abafokazane ngeaznsi,
Xasibe, Nxasana,
Mpande!


More information is available on our YouTube channel


Previous

Msomi

Next

Mthethwa

5 Comments

  1. Mina bengisacela ozongilamanisela okhokho ngokuzalana kwabo isib. Ukuthi ubani omdala uNxele,uNongalo noSeme ngingajabula kakhulu Uma ngingajabula Uma ngingathola ukuzalana kwabo.

  2. MINA CELA NITHINTE KU 0747136235 > [email protected]

  3. mazala Nkosi amahle mina esami isifiso bethanda kesibe noMhlangano nabo bonke oMsweli, Nxele, Muthwa kanye no Seme senze ubumbano sibe nekibha zomlando mhlampe nencwadi kodwa sesingahlela sibaningi, mina dabuka eNdaweni yaseNcekwane eMpangeni lapha kuthiwa phambilini enhla noMfula uMhlathuze kwangungo Nxele ababakhe lapho kuyizwe labo but angazi ukuth lize lithathwa uMathaba beno Mzimela kwaba kanjani plus nase Dokodweni nakhona bagcwele oMsweli naseNquthu lapha kuthiwa sidabuka khona bakhona nakhona nansi inumber yeCellphone 0747136235

  4. NXELE ~Izithakazelo (praise names) oNxele abaseNyakatho nesifundazwe saKwaZulu Natal

    Khuabazi, Mazalankosi azala uJobe Mthethwa, Nyambose, Msweli ongasweliyo. Mnyambo kaZaza (Phangazitha oziphangayo), Nkabane! Mhadu. ~Tshevu (Maqhatha owaqhetha kwelikaMzilikazi), Mlondo (owalondondoza abafokazana). Gwamanda kaSkhuni. Nxele elakhipha iziseme olwandle, nathi nidla lokhu (yokhu) unxele ongapthekeli kwabo nakubafokazana!

  5. Ngaze ngabonga ngane yakwethu.NginguMsweli isibongo.Angibanga naye ubaba ocebile nojulile ekucobeleleni nasekulandeni izimpande zemvelaphi yesibongo sakithi okuhlanganisa nazo izithakazelo ikakhulukazi.Ngaleyondlela sengizithole senginengcindezi enkulu ikakhulu umsebenzi engikuwo njengamanje ungixhumanisa nabantu ngayo yonk'indlela.Ngisemsakazweni womphakathi owaziwa ngokuthi iKhwezi fm eKranskop KwaZuluNatal ngaleyondlela bese ngifakelek'inselelo enkulu namahloni ngoba bengigcina ngoNongalo-nje kuphela kungabe kusaqhubekeka.Noma bengeyaye ngizwe kuthintwa neyoZikode kodwa bengingenakubambelela kwengingenasiqiniseko sakho.Akukudala-nje nakakhulu ngi-confrontwa umalaleli nge-SMS ethi 'Nongalo sesiyakwazi ngoNongalo kwezakini izithakazelo kodwa-ke ngeke ndoda,akwenele, kuqhutshekwa kuthiweni? walokhu unguNongalo-nje wena kanti ziqhubeka zithini?' I-respond yami kuleyo-SMS kwaba ukuthi ngivele ngikhethe ukuzithulela,ngayiziba okwangempela,ngakuthatha njengokuthi uyangihlasela owayethumele leyo-SMS.Uma sengingedwa ngidliza ngayo ngasibona isidingo sokuthi ngenze okuthile ngalento.Eqiniswe ngifike ephuzwini la khona kungicacelile ukuthi empeleni lomlaleli ungifakela inselelo nomsebenzi wokwazi ngolibo lwesibongo sakithi okuyinto ebalulekile kakhulu ukwedlula zonke ezinye ezinto.Ngiyathokoza kakhulu ngosizo lwakhob mtakababa, kuphindwaphindwa mihla namalanga ezinkulumweni ezikhuthazayo emikhakheni eyehlukahlukene abakuyo ukuthi ukuzazi lapho uqhanuka khona yokho okukwenza uzazi nanokuthi ubheke kuphi,ngaphandle kwalokho uyihlazo nesidunyelwa emphakathini nakweyakho uqobo impilo.Eqinisweni ngiyasihlonipha futhi ngiyasazisa nginjalo-nje ngiyazifela okwangempela ngesintu sami.Kungicacele muva-nje ukuthi kusho ukuthi bengiphundulekile yonke leminyaka ngokungalandeleli ngalokhu.Ngingumzalwane kodwa isibongo nolibo lami kuyigugu elikhulu kabi kimi lelo nengineqiniso futhi lokuthi akukho oku-wrong ngalkokho noma ungakholwa kanjani. Angibonge wakithi. Khulekani Bongumusa Msweli [email protected]

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: