Izithakazelo zakwa Ndabandaba
Khathide, Mphephethe, wena owadla umkadadewenu wathi akananyongo, akanamhlwehlwe. Mnyambo, amanyamba asezitheni aqalingene alingise insimu indonda ukumila. Mkhosana omncane ngokuzilamulela. UMnene ngimbonile ngimbonile ngamashoba okukhanya, Mnene dlana imfe mina ngidle ugaba.
π SEARCH π+ ADD CLAN NAMESβΆ UTube Channel
Uyezwakala umlando ucacile. Bengicela ukubuza ukuthi ingabe bukhona na ubuhlobo nabakwa Kubheka. Ngibuza ngoba ngibona nibiza uKhathide.