Abakwa Ndlovu oGatsheni bangabe Nguni:
U-Gatsheni wazala u Lamula,
U-Lamula wazala u Zingelwayo,
U-Zingelwayo wazala uMpongo,
U-Mpongo wazala uNgema,
U-Ngema wazala uMdingi
Izithakazelo zakwa Ndlovu
Gatsheni, Boya beNyathi,
Obusonga busombuluka,
Mpongo ka Zingelwayo,
Nina bakwa Ndlovu zidla ekhaya ngokweswela abelusi,
Zase ziluswa intombi uDemazane,
Nina baka Demazane Ntombazane,
Nina bakwasihlangu sihle,
Mthiyane!
Ngokuthiya amadoda emazibukweni,
Mdubusi!
Umlando wakwaNdlovu | Ndlovu clan history:
Mbathastan
Mduduzi
Ulimi lunokucacisa ukuthi umuntu ungu ubani. Ngiyezwa kuthiwa oNdlovu ngabe Suthu kodwa bekhona o Tlou ebaSuthwini okuyigama elichaza indlovu. Angisho ukuthi ngithini kodwa ngokwami ngokuhlola ulimi kanye nezibongo nezithakazelo…oNdlovu bangaba Nguni. (my opinion, no offence)
Landani Ndlovu
Isibongo ngasinye sinezindlu ngokwahlukana kwazo.okungididayo Mina kuthiwa uNdlovu oGatsheni bangabeNguni manje kuvela ukuthi oNdlovu abesuthu kwenzekani kanti?
linda
Angeke sibe abesuthu. Singavele sibe abaqhamuka eZimbabwe ngoba oNdlovu bandile khona kanti abanye abaningi baseSwazini. Usungazibukela nawe umzila esifika ngawo