Abakwa Ndlovu oGatsheni bangabe Nguni:
U-Gatsheni wazala u Lamula,
U-Lamula wazala u Zingelwayo,
U-Zingelwayo wazala uMpongo,
U-Mpongo wazala uNgema,
U-Ngema wazala uMdingi
Izithakazelo zakwa Ndlovu
Gatsheni, Boya beNyathi,
Obusonga busombuluka,
Mpongo ka Zingelwayo,
Nina bakwa Ndlovu zidla ekhaya ngokweswela abelusi,
Zase ziluswa intombi uDemazane,
Nina baka Demazane Ntombazane,
Nina bakwasihlangu sihle,
Mthiyane!
Ngokuthiya amadoda emazibukweni,
Mdubusi!
Umlando wakwaNdlovu | Ndlovu clan history:
Owen Graham
Appreciate the detail without overcomplicating things.
Sphamandla Ndlovu
Sphamandla Ndlovu
Gatsheni
Ndlangamandla, Ndlovu zidla ekhaya ngoba ehlathini ziswele abelusi
Zaze zaluswa intombazane uDemazane,
Msotho wezingubo ezibovu,
Ngwadla yamabhudle eyathi ibhudla omunye yabe ibhudla omunye ngayizolo,
Manyama kaMadinane
Nsungulo azigobi zinguzile, zagoba emhlahlandela,
Nina bokungena ngenhloko lapho kunokufa khona
Mpongo kaZingelwayo inyathi emnya eyazingelwa abafokazane
Boyabenyathi buyasonga buyasombuluka
Mthiyane ngokuthiya amdoda emazibukweni
Mdubusi kaRadebe
Sihlangu sihle
Nina bakwakhumbula amagwala
Gatsheni omdala wena woThol’dala kaMsuthu
Ntozakithi ngila ngifuna umlando wabo okhokho ngoba ngibadingela ukuthi umzi kaGatsheni ungavalwa futhi ngizowuvusa ngoba bengthume ngalengubo abangzalise ngayo
Ngicela ulwazi olubanzi ngesikompilo kanye namandla okhokho(umdali into asipha yona)
Prince Ndlovu
Ulahlekile uhlanganisa abantu abangahlangene, uGatsheni woTholdala kanjani uRadebe wani loyo? Waze wabiza uGatsheni nje ungabe usafaka abeSotho else ungenalwazi