Abakwa Ndlovu oGatsheni bangabe Nguni:
U-Gatsheni wazala u Lamula,
U-Lamula wazala u Zingelwayo,
U-Zingelwayo wazala uMpongo,
U-Mpongo wazala uNgema,
U-Ngema wazala uMdingi
Izithakazelo zakwa Ndlovu
Gatsheni, Boya beNyathi,
Obusonga busombuluka,
Mpongo ka Zingelwayo,
Nina bakwa Ndlovu zidla ekhaya ngokweswela abelusi,
Zase ziluswa intombi uDemazane,
Nina baka Demazane Ntombazane,
Nina bakwasihlangu sihle,
Mthiyane!
Ngokuthiya amadoda emazibukweni,
Mdubusi!
Umlando wakwaNdlovu | Ndlovu clan history:
noxolo chamane
plz email me imlando wakwa chamane
sne
Ochamane nomlando wabo
Thuthuka Hadebe
AbakwaChamane baphuma kwaNzama. Ngesikhathi uGcugcwa ebulwala iLembe kwabakhons ukuthi izinsizwa zakwaNzama/Wosiyane kwakumele balande isidumbu. Uhambeni lwabo insizwa eyodwa yenza ongathi isayochitha amanzi. Abantu kqala babeziphethe kahle bangachami inoma ilaphi besaba abathakathi abaqubela imichamo yabo nendle. Ithe ingahamba lensizwa yangabe isahlangana nebutho layo isaba phela ukuthi hleze kwenzeke kuyona okwenzeka kuGcugcwa. Lithe selibuya ibutho nesidumbu sikaGcugcwa esasigxotshe zinkomo bayithola lensizwa. Basebeyetha lensizwa bathi nguChamane bayisusa laphaya kwaWosiyane eNdwedwe ngaphansi kwentaba edumileyo iNhlangakazi, bayoyakhisa ngasemfuleni iNsuze. Yase idlondlobala lensizwa kwakheka isibongo yanganwa kakhulu sanda nesizwe sayo. Imizi kaChamane phakathi kweminye ilena
– Kwazwangithini
-Kwabhekabezayo
Neminye esengiyikhohlwa kodwa yabamine imizi. Wonke umuntu wakwaChamane ulibo lwakhe luhamba lufike kweyodwa yalemizi emine.
Izithakazelo:
Gcugcwa kaNcameni
Dingila
Zukula kaNombhoco
Chube
Wena udume ngokugcagca insimbi amanye amakhosi edume ngesthembu
Nina anawela ngelibanzi kwasala abafokazane becosha izindondo ematshen kwakhala ubuwele-wele
Ngipha phana abantu ngokuohindelela
Wena kamfazi akashaywa ngemvubu ushaywa ngombobolo wesdwaba!
Nzama!!
Wosiyane!!
senzo zulu
ake ningitshele ngabantu bakwaZulu ngesibongo? ngoba phela sesihlukene kakhulu ayi ukuthi sonke singabasebukhosini sihlukana kanjani?
Sithembiso Nkosi
Kuhlukana ngokuthi, isbonelo:wena uyinkosi, unamakhosikazi amahlanu, kodwa indodana yakho ezophatha emvakwakho izobe izalwa umakoti omdala, buqhubeke ozalweni layo uma kuya ngokuth ikhothama isikhulile isinayo indodana yayo ezophatha, bese kuya kanjalo kanjalo
Sthandiwe Malunga
The history of Malunga clan?
busani Malunga
0796188947 on whatsapp