clan names ๐Ÿ’™ clan history ๐Ÿ’ฏ

izithakazelo

Ningaphambanisi isiZulu

Want a t-shirt with your clans? click here to see pictures

Iyahlupha lento yokuthi abantu bazame ukushintsha inkulumo yesiNgisi bayise esiZulwini njengoba injalo.Namuhla sekuyaye kuthi uma kukhona umuntu noma umndeni oshonelwe ilunga lawo okanye isihlobo sawo, uzwe abantu bethi, โ€œNgiyaxolisa ngokulahlekelwa kwakhoโ€. Lo mkhuba ususelwa enkulumeni yesiNgisi ethi , โ€œIโ€™m sorry for your lossโ€, bese abantu beyiguqula njengoba injalo bayise esiZulwini.

NgokwesiZulu umuntu oshonelwe uyakhalelwa, aduduzwe, hhayi ukuthi kuxoliswe kuye.
Uze uxolise nje ubulawe uwe yini lo muntu oshonile?
Uma umuntu exolisa usuke ecela uxolo. Uma usushilo-ke wathi, โ€œNgiyaxolisa ngokulahlekelwa kwakhoโ€, kumele aphendule athini-ke lo okuxoliswa kuye (oshonelwe)? Athi, โ€œNgiyakuxolelaโ€?

Yekani ukuphambanisa izinto ngoba nizama ukwenza eniyaye nikubone kwenziwa ngabezinye izizwe. Umuntu oshonelwe mduduze, umqinise idolo, uyeke ukuxolisa into ongayazi.

Previous

Mvelase ๐Ÿ˜ Izithakazelo

Next

Nyembe ๐Ÿ˜ Izithakazelo

8 Comments

  1. Kusho ukuthini ukuthi isiZulu asitolikwa? Lesisho siqhamukaphi?

  2. Kusho ukuthini ukuthi isiZulu asitolikwa? Lesisho siqhamukaphi?

  3. wavele wayishaya eskhonko sini,anginawo amaning ukusho konke ngingaz ngone inkulumo yakho,uqinisile iyahlupha kodwa lento yokutolika isilungu ngany nendlela abaphil ngayo ngoba thina siyisizwe esimnyama futhi sohlala sinjao lento yokujaha izinto ngeke isise ndawo.

  4. Yaze yangihlaba umxwele lendaba Mandiana. Uma ungase ukhanyisele labo ababhala imidlalo esigcawugcawu yakumabona kude bayeke ukusibhalele loluhlobo lwesizulu. Asilufuni futhi luyasikhathaza uma sithi siyalulandela ngoba isiZulu asikhulunywa ngalendlela abasitolika ngayo besisusela esingisini. Every language has its gramma and syntax rules. Ungake uqale-nje uye lapha kubabhali be-Generations bese ubuyela umuva ucushise labo ababebhalela 'Ifa LakwaMthethwa' isiZulu asikaze sikhulunywe ngalendlela abasibhala ngayo bona.

  5. Lol ai wayibeka yezwa!!!

  6. Ayi khona indlu yakithi seyiyanhlanhlatha, uye uzwe omunye ethi "ingihlabe umxhwele eyokufa kwabafundi esikhungweni sokubhalisa" bese kuyaxaka ke ukuthi yini ejabulisayo lapho.

  7. Way'shaya khona. Ngiyawuthanda umsebenzi wakho.

  8. Hhawu wayibeka wena weNkosi, injalo nje ayijiki.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: