Izithakazelo zakwaNkomzwayo

Mlotshwa!
Mashishiwane,
Mkhombe kaBhazwana,
Nyoseyenza kube butilitili,
Nina bakaMxhakazela zitha,
Siqongo esinojojo,
Jabebaleka ntimbili kwaMgangadi
Nina bakwaChominjedukwini
Nina bakoBhija
Mdladla!