Matshetsha,
Nyawombi,
Sompisi !
Ngokomlando engawuxoxelwa gogo wami u Bhejinkani owayegane u Mavikazishintshe uyise Mkhulu wami ozala ubaba uthi
“Isibongo sakwa ndunakazi isibongo esadabuka esibongweni sakwa Mbonambi lapho khona usisi nobhuti ababezalwa omama abahlukene emndenini abalalana kwaba ichilo kakhulu esizweni sonke sakwa Mbonambi baxoshwa bawela Icubhu okanye ichweba yasecubhu eSkhawini bayokwakha khona bobabili indodakazi nomfowabo babe sebezipha isibongo Uma bebuzwa endaweni ukuthi bangobani bathi u Ndunakazi ngoba babexoshiwe kwa Mbonambi ngenxa Yokuduna ekhaya. Owokuqala kwa Ndunakazi kwaba umkhulu u Mthenteni wakwa Ndunakazi e Mpembeni, okuyingakho kwaNdunakazi lihlonishwa igama elithi iMthente ngoba ugulu wethu Waye ngu Mthenteni ongasekho.
Lesibongo sesisabalele kakhulu kwakuyisibongo esincane namhlanje sisabalele indawo zonke okubalwa kuzo
MPEMBENI, SIKHAWINI, DONDOTHA,MAPHUMULO,NDLANGUBO, MANDENI, ESHOWE,NTENESHANE, ETHEKWINI, nezinye izindawo eziningi.
Phungwayo,
Mlotjwa,
Mhayisa,
Mcokati bengcaki bekutsenga bantfu,
EMhlongamvula banemanga,
Batsi uMhlongamvula udzilikile kantsi awukadziliki
Enye ingxenye ithakazela kanjena
Phungwayo
Mhlongamvula
Banamanga bengqaki bokuthenga bantu bathi umhlonga mvula udilikile kanti ukhona
Amavulane aseshashalazeni akwa Dunga ayizele kaLudonga!
Dungabanathe
Dilika uzibone Mhlongamvula
Imvula iyanetha!
Inetha ngomkhizo, ivinjwa ngokhopho.
Nkophe zimawakawaka!
Wena wesibindi asibengwa, sibengwa abafokazana, inkomfi ayithambi
Wena ongadingi abasengi wajwayela ukuzenzela! Ungu Mxolakazi!
Mkhonto odumayo
Sihlangu sakucala
Bathi,aligwazwa ngabafazi ligwazwa ngamadoda wenkomo zamagayela wamagayiza
Mhayise
Jojolozana
Β© 2026