Umlando weNdlovukazi uNandi

UNandi kaBhebhe, c1760-10 kuMfumfu 1827, uzalwa uBhebhe owayeyinkosi yaseLangeni. UNandi waye dume ngobuhle bakhe. Wangemunye wesifazene owaba negalelo elikhulu ekubunjweni kwesizwe sakwaZulu. Ungunina weLembe eleqa amanye amalembe ngokukhalipha uShaka kaSenzangakhona.

Ngelinye ilanga eye emlanjeni nezinye izintokazi wabonwa umntwana uSenzangakhona kaJama obekade ezingela kanye nabaqaphi bakhe. Kwathi lapho uNandi esekhulelwe, isisu sayo bikwa esigodlweni sika Jama. uSenzangakhona wasiphika isisu sikaNandi, wathi akakhulelwe uphethweย itshakaย isifo samathumbu.

UNandi wakhulisa uShaka kanzima kakhulu, okwa qinisa uthando lukaShaka kunina. Waye thanda uNandi kuphela uShaka ngoba ebone ubunzima aqondana nabo (lolu thando lukaNandi lwagqama kakhulu mhla ikhothama indlovukazi, uShaka wacishe wabulala uZulu wonkana nxa kuzilelwe uNandi, Isikhihlo sikaNandi). Kanti uShaka wayengamfuni uyise uSenzangakhona, ngisho noma esemhlawulile walobola noNandi waxolisa. Ngombuso kaShaka uNandi wayenamandla amangazayo, izwi lakhe lalinga lambathi. Kwesinye isikhathi wayekwazi ukuphikisa yena uShaka. uShaka waye wakhonze khakhulu amaqhawe, kanti uNandi, uMkabayi kaJama, uNomcebo kaSenzangakhona noMthaniya kaZingelwayoย kwakuyibona kuphela abantu besifazane ababengamaqhawe kaShaka

uNandi kaBhebhe, wakhothama ngomhlaja 10 kuMfumfu, uShaka wayekade ezingela ngaphesheya. Kwaba usuku olubuhlungu ka khulu kwaZulu. Isililo sikaNandi sakhubaza isizwe ngendlela emangazayo, akekho owayevumeleke ukuzala, ukushada, ukutshala, nokuthula. Isizwe sasizilile, lolu akugqamisi kuphela amandla kaNandi kaBhebhe kodwa uthando uShaka ayenalo kunina


More information is available on our YouTube channel


Do u wish to support our work with a small donation?

Please see details below
Capitec
Account no. 1190435479
Name: Bongani Khumalo
or use cell no. connected to Capitec: 061 868 5163

ABSA:
Account no. 4079821128 - Cheque acc
Name: Bongani Khumalo
Branch code: 632005

Kubongwa okuncane kubongwa okukhulu.
Siyabonga