Shawuke
Mabaso
Mazibo
Sbure
Mnguni
Langa!

Wena owakhanyisela izizwe elangeni
Wena kaMntungwa bhambo luka Mzilikazi

Umzila kaMzilikazi awulandelwa
Uma uwulandela uyazi bambezela

Bayede

Wena kaMntungwa
Wena Othi ngombuya

U Mabaso kwakuthi Uma kunesimpi noma kunempi ube cwasha ka Shawuke wagcina esezibiza ngo Shawuke

Igama elithi Shawuke “ugobolondo lomneke” banye bathi “usufikele umneke”

Mabaso
Ndabezitha
Mntungwa

Wena owadli imfe embili kwaphuma ikhambi lalinye
Mashudula ngokushuduleka enkundleni yakwa Mazingeni yababomvu

Malinga!

Wena kamathanga kahlangani
Ahlangana nxa ebona umyeni

Gubede

Shawuke

Mbulazi

Wena odlu umuntu ubumyenga ngendaba.


More information is available on our YouTube channel