clan names ๐Ÿ’™ clan history ๐Ÿ’ฏ

izithakazelo

Tag: AmaMpondomise

AmaMpondomise

AmaMpondomise

AmaMpondomise abeNguni baseMbo ngokwezigaba zabeNguni, okusho ukuthi badabuka eSwazini kwaDlamini balisende likaLanga Samketi kodwa endlini yasekhohlwa. Umuntu ungukhokho wamaMpondomise uNjanya owayezalwa uSibiside wakwaMkhize. USibiside wayezale amadodana amaningi kodwa inkosana yakhe kwabe kunguMavovo. UNjanya wasekhohlo kodwa wayemdala kakhulu kunoMavovo. Uzale amawele uNjanya okungu Mpondo noMpondomise kwase kuba uXesibe omncane. UMpondo nguyena owahamba kuqala ekhaya baseseSwazini endala ngaseLubombo ezintabeni wagudla ulwandle waze wefika lapho kuthiwa kuseMampondweni namuhla, ehamba nomfowabo uXesibe.
NoMpondomise ulandelile yena walibhekisa lapho sekuseMatatiele khona namuhla waphinde wabuyela kwaZulu lapho akhothamela khona. Washiya inkosana yakhe uNdunu endaweni ekuthiwa iDesi enayo ibusele yakhothamela, ushiye indodana yakhe naye uSikhomo. Naye ubusele khona lapho eDesi, washiya indlalifa yakhe uNjanya 2(wesibili) kwathi ekhohlwa wazala uRhudulu. Naye uNjanya ubusele khona emzini kakhokho wakhe uNdunu eDosini, washiya inkosana yakhe uMalangana.

Sekubusa uMalangana kaNjanya 2, uthathe bonke abantu bakayise enoyisemncane uRhudulu bawela uMzikhulu bayokwakha eBizana. Uhlalile eBizana wakhothamela khona eshiya indodana yakhe uNtose. Naye uNtose ubusele kubo eBizana kodwa kuye kuphume izindlu ezine. AmaCwera,amaMpinga, amaDebeza, amaQanda nazo zaphuma emaMpondomiseni ngoba amaCwera aya emaMpondweni kwathi amaMpinga wona aya kwaXhosa.

Ekukhothameni kukaNtose kuthathe indodana yakhe uNgxina, yena walifulathela elakubo wayobusela eMatatiela lapho efike wathola khona abaThwa, abanye babo kwakungo Nxasana labo Bathwa. Kungakho umlando wamaNxasana amanini bazi ukuthi bangamaMpondomise ngoba afike ababusa kanti bona ngokomdabu bangaBathwa abakwaNxasana.

Uthe uma ke eseMatatiele uNgxina wagana intombi yasemaXesibeni okwaba undlunkulu enye yaba yakwaMthwakazi(abaThwa) kanti asewonke amakhosikazi akhe abesikhombisa(7). Kodwa ngizogxila kubabili owaseXesibeni nowakwaMthwakazi. UDosini inkosana kamaXesibe kuthi kamaMthwakazi inkosana uCira. Bakhule ke abafana laba baze bayokweluka entabeni, ngoba ezazi eyinkosana uDosini aqhathe izwe izinduna zihambe ziyobikela uyise wakhe ngesenzo esibi sikaDosini. Awabize onke amadodana akhe uNgxina awabuze athule kube uCira ukuvumayo okushiwo izinduna. Ithi inkosi angeke esabusa uDosini sekuzobusa uCira emvakwakhe. Alidikile ke ikhaya uDosini ahambe nabalandeli bakhe ayokwakha kuTsolo nalapho afela khona.

Uma esekhotheme uNgxina kuthathe uCira ubukhosi indodana yoMthwakazi naye alandele umfowabo eyokwakha kuTsolo elothana yena. UCira yena waganwa unkosikazi oyedwa inkosana yakhe kwaba uSabe eyathatha emva kukayise nayo yabusela khona eLothana. Esekhotheme uSabe kuthathe indodana yakhe uMte olishiyile ikomkhulu lakubo walibhekisa eMzintlavu lapho abusela khona okwenza izwe lamaMpondomise libe likhulu lisuka eMzikhulu liyoshaya eMthatha.

UMte waliqhatha ke izwe lamaMpondomise kwafa abaningi abantu ngokuthi athe indodana yakhe encane yiyo ezothatha ubukhosi ngemuva kwakhe, kuze kwalamula inkosi uDlomo yabaThembu.
Indondana encane kwanguNgxabani endala kungu Qengebe. Ithe inkosi uDlomo akayokwakha obunye ubukhosi lena eNyandeni lapho kwabusa khona uNgxabani kwathi la ekhaya kwasala kwabusa uQengebe esekhotheme uyise uMte.

UQengebe ubusele khona eZinhlavu kwathi uma ekhothama kwabusa indodana yakhe uMajola. UMajola ulifulathele ikomkhulu wabuye emanxiweni eLothane kuTsolo wabusela khona nakuyilapho akhothamela khona.

UMajola wafihlwa esizibeni eTsitsa, washiya indodana uNgwenya owayecebe kakhulu wakhothama naye wafihlwa esizibeni. Kwathatha unyana wakhe uPhahlo owabusela lapho emzini kayisemkhulu.

UPhahlo ube namakhosikazi amaningi kodwa endlunkulu kwazalwa izintombi ezine zodwa kwangaba nankosana. Abafana bazalwa kwezinye izindlu. Enye yendela emaMpondweni yazala uFaku, enye yendela kwaXhosa yazala uGcaleka, enye yendela emaXesibeni, kwasala eyodwa ogama layo uMamani. Wakhothama ke uPhahlo naye wafihlwa esizibeni okwasekuyisiko lwamakhosi akona kwangaba nankosi. UMamani wamane wenza umhlola kwanguyena ohlala esihlalweni sobukhosi enenkani enjalo uma amadoda ekhuza lomhlola asho ukuwajuqa ayi amyeka wabusa. Mamani wamane wazithathela ubukhsi ekubeni engowesifazane ayikhuza kakhulu amadoda leyonto ngoba babe khona abafowabo kwezinye izindlu. Waphinde wenza isimanga futhi wakhipha ikhulu lezinkomo wazimikisa emaMpondweni. Ethi abayomlobolela khona ingane kaNyawuza. Nangempela ahamba amadoda abuya naye umaNyawuza lo wabayinkosikazi kaMamani eside isikhathi. Kuthe esesuka uMamani lo wabiza omunye wabafowabo ogama lakhe uSontlo wambeka eduze kwakhe. UMamani ke umane ayo lala nonkosikazi wakhe, kuthe ngelinye ilanga kunecala elikhona ekomkhulu wasuka uMamani esihlalweni wathi akuhlale umfowabo uSintlo, bethuka bonke abantu ukuthi sekwenze njani manje. Emva kwalokho uMamani ubethi la kuSontlo akayolala endlini kamaNyawuza nangempela yagana esokeni kuSontlo wadumela khona zasha.

Washona uMamani naye wayofakwa esizibeni njenge nkosi phela. Wasala uSontlo esihlalweni sobukhosi, wakhulelwa umaNyawuza kwathi esengakateti wadunguzela noSontlo wase ebiza umfowabo uMgabisa wathi uma eshona yena abobambela ingane kamaNyawuza ubukhosi. Washona ke uSontlo wayofakwa esizibeni naye. Wabamba ke uMgabisa bamlwisa ke abafowabo kakhulu kwaze kwalamula inkosi uPhalo wamaMpondo endlini yaseNyandeni. Yazalwa ke ingane kaMamani ngesende likaSontlo igama kwaba uMncambe. NoMgabisa wamngena umaNyawuza naye wazalisa umfana uVelelo.

Wabusa ke uMncambe washeshe washona ingane uMyeki,iseyincane kwabamba umfowabo uVelelo owabusa ngesikhathi esinzima sikaShaka kaSenzangakhona kwaZulu. UVelelo walwa noMacingwane owayedungululwe uShaka kwaZulu, walwa noNgoza kaMkhubukeli futhi ababefuna ukuwela uMzimkhulu ababuyisela emuva amaMpondomise. UNgoza washona emaMpondweni lapho ashonela khona. Kwaba uMadzikane naye ebalekela uShaka efuna ukuwela uMzimkhulu wamjikisa ngomkhonto uVelelo kwabe sekuphela isikhathi sakhe sokubusa esekhulile uMyeki kaMncambe wase ethatha ke ubukhosi kuyise mncane.

Kwafika impi kaShaka yawadudula amaMpondomise baweweza umfula uMbashe, athatha yonke imfuyo yabo athi efika amaXhosa nabaThembu namaXesibe wabe esehambile uZulu waphindela emuva. Kungaleso sikhathi ke ubukhosi bamaMpondomise buhlukana phakathi ngoba sekukhona uMditshwa noDiliza njena.
Inkosi uMyeki ibaleke yase yayofika eLady fere azange aphinde abuyele emaMpondomiseni. Kwaphinde kwaphatha uVelelo ngalesosikhathi amaBhaca ayebamise kabi ephethwe uNcaphayi kaMadzikane. Wafa uVelelo ebulawa uNcaphayi kwaphatha indodana yakhe uDiko, naye olwe kakhulu namaBhaca.

UDiko waya enyangeni yamaMpondo efuna intelezi yokubhekana namaBhaca, nangempela wayithola eselekelelwa abaThembu yabambana impi eNyandeni wayinqoba uDiko kwasala umfazi kaMadzikane owazinikela emaMpondomiseni kanye nezwe lonke. UDiko ushone isencane inkosana uMhlotlo. Bahambile oMhlotlo nabanye abakhwetha baya entabeni nokuyilapho afika amaBhaca abathumba bonke. Wase ebanjelwa uMandela kaVelelo ubukhosi. Amkhulula amaBhaca uMhlontlo nabanye abakhwetha wahlangana namabutho akhe wayiphaka impi eya emaBhaceni. Yilapho kwaqhamuka umfundisi womlungu uOsborne wathi kuMhlontlo akangasahlaseli amaBhaca wakuzwa lokho wayeka ke. Umholi wamaBhaca uMakhawula wazinikela ngaphansi kukaMhlontlo ke kanjalo.

Abe esehlukana futhi amaMpondomise kwaba khona kaMhlontlo nakaMditshwa. UMditshwa waphatha kusukela eNqeleni kuya eMthatha kwathi uMhlontlo yena wasuka eMzimkhulu ukuya eMthatha babusa kahle kungempi ke.

Kwathi ngelinye ilanga kwaba nempi enkulu phakathi kukaMditshwa nabaThembu wahamba wayocela amaMpondo enqaba ngoba abewehlula nabo baThembu uma beza ngabodwana. Baze bahlangana amaMpondo nabaThembu lapho uJumba noNdamase wabona okaDiko uMditshwa abuyele emaMpondomiseni akubo kuhlalwe phansi kuvunyelwane ukuthi uMhlontlo ikumkani(isilo) kuthi uMditshwa inkosi. Kwaphinde kwaxatshanwa emampondomiseni uMhlontlo noMditshwa wase uMhlontlo edayisa izwe ngokucela umfundisi Kay ukuthi amcelele uhulumeni wamaNgisi uzomvikela ngo 1873 kwabe ukuphatha kwamaNgisi kusuka eMzimkhulu kuya eMthatha. Umditshwa wathuliswa amaNgisi wathi du naye. Kuthe ke uLangalibalele wathumela izithunywa ukuthi uzovakashela uMhlontlo nangempela walindwa, kwezwakala ukuthi uLanga naMahlubi balwa namaNgisi. Kwaba ukuxabana ke uMhlontlo namaNgisi ngoba wenqaba ukuwalekele kuliwe namaHlubi. Wathi uMhlontlo usazilili ngoba usashonelwe unina basuke abelungu bamethuka, athukuthela amaMpondomise ayobabulala labo belungu. Wabaleka ke uMhlontlo wayocasha kumaMpondo enkosi uMqikela kaFaku bathi uma bembuza emaMpondweni amphika kubelungu ukuthi akaze afika kubo uMhlontlo, wasuka lapho wacela ukucasha enkosini uMshweshwe eLusuthu wavuma wahlala iminyala engu 25. Uthe esehleli eLusuthu wazinikela kuma Roma, kwathi enye insizwa yasemaHlubini yayobikela abelungu ukuthi isilo samaMpondomise siseLusuthu. Salandwa sayiswa enkantolo kwaqulwa icala. Ubuyele ezweni lakhe ngo 1910 wangasahlala kade ukumkani Mhlontlo wakhothama kwathatha unyana wakhe uCharles naye ongahlala kwathatha indodana yakhe uSigidi.

USigidi uzale uDiliza yena wazala uNtabankulu obusela eLothane kuyimanje. UMditshwa wakhishwa ejele azange esahlala washona washiya indodana eyabe ikhonzwe ngabelungu kakhulu yaze yayofunda eNgilandi kwasala indodana yayo uLutshotho.

Mqwathi
Bangula, Dumba, Mhotho, Cakeni, Bhabha, Sxolothi, Sximba, Bhaxane, Nzothwa, Qhinebe, Qolo, Zikhali, Jojo, Tiyeka, Butsolo beentonga, Qoma, Siqo, Nyoyela/NgogelaAMAQWATHI

โ€”โ€”โ€”โ€”โ€”โ€”โ€”

Ah! Nkomo zikaXesibe,

zikaJojo,

zikaMtshutshumbe, ogqazโ€™ indlelโ€™

ebhekโ€™ ebuNguni.

UbuQwathi ayisiso isiduko. Koko bubuhlanga nesizwe esavela ku

Mtshutshumbe ozalwa nguMthetho ka Hlabe ka Nondzaba

wamaXesibe. UMtshutshube uthe emva kokuba olukule, wasokwa

nguyise umthetho ngenkomo. Mtshutshube lowo wayithiya igama

elinguQwathi loonkomo.

Emva kweminyaka embalwa, uMtshutshube waphuma kumaXesibe

wayokuzimela emQanduli kwiminyaka yoo 1660. Isizwe sakhe

wasithiya ngalankomo nyokuqala asokwe ngayo nguyise uMthetho,

ozalwa ngu Hlabe, ozalwa ngu Nondzaba. Wathi ngamaQwathi.

Kwiminyaka yoo1680 amaQwathi ayephantsi kokumkani uDlomo

afudukela eNgcobo, apho ikomkhulu lamaQwathi likhoyo ngoku.

Abazala bamaQwathi ngama Mpondo, Mpondomise namaXesibe.

AmaQwathi akamaninzanga kodwa aziwa uMzantsi wonke

nganamandla, ukukhohlakala nokungakathandi kuphathwa,

isikakhulu ngabacinezeli.

AmaQwathi aneziduko ezininzi. Nazi ezinye zazo:

*AmaDikela, Noni, Ntswayibane

*AmaTshaba

*OoSdindi

*AmaBangula, Dumba, Mhotho, Cakeni, Bhabha

*OoBhulangwe

*OoBhose

*OoNzolo

*OoNcayi

*OoNtondo

*AmaKhombayo

*OoMkhondweni

*AmaVumbe

*AmaKhebesi, Nomdayi

*AmaMvala,

*AmaDabisa

*OoSโ€™ximba baka Sixolithi

Nezinye. AmaQwathi angakwazi ukungenana andiselane ukuba

iziduko azifani. Umzekelo: UmQwathi uDikela angendela

kumQwathi uSidindi. Njalo njalo.

Ezona nkosi zamaQwathi zaziwayo ngu Stokwe ka-Ndlela

owayesilwa nabelungu,

UDalasile kaFubu, noFubu ubuqu (owalwa waze wabulala

uRharhabe nonyana wakhe uMlawu ngo 1782 bekhusela ikomkhulu

iNgcobo.

Unkosi Fubu nonyana wakhe uDalasile baphinda banqanda amanzi

engena endlini bezokuvingcelwa ngumkhosi ka Madzikane inkosi

yamaBhaca ngo1824. MaBhaca lawo ayebaleka umkhosi ka Tshaka

la Senzangakhona ka Zulu.

Baphinda bohlula baze babulala unkosi Matiwane wamaNgwane

ayebaleka imfecane eleqwa ngu Tshaka ngo 1828. AmaNgwane ade

abaleka ayokufika kwilizwe ekuthiwa yi Tanzania namhlanje. Lawo

athi asala ngemva aatshatyalaliswa aphela tu nguTshaka ka

Senzangakhona ka Zulu nomkhosi wakhe.

Kwiminyaka yoo 1860 amaQwathi nama Mpondomise aadibanisa

umkhosi eseka ukuhlasela abelungu. Hlaselo olo alwahamba

ngohlelo ngenxa yemipu yabelungu. Kodwa kwafumaneka umfundisi

womlungu ofani ingu Hope we mission ekufutshane wabulawa.

Abelungu bafunga besithi bazakwenza umzekelo ngokubulala

wonke umntu ongumQwathi noliMpondomise. Baza phantsi ko

General Elliott (okuthiywe ngaye la dolophana i Elliott) babula

phantse batshabalalisa wonke amaMpondomise. Kodwa zona

iinkosi zawo amaMpondomise zaatshatyalaliswa zaphela apho.

Kungoku nje amaMpondomise akana zinkosi. Ahamba ezoyamanisa

neenkosi zezinye izizwe.

AmaQwathi axhathisa wona, kodwa nzima. Isizwe sathi saa

sileqwa ngemipu ka General Elliott nomkhosi wakhe. Amanye

amaQwathi abaleka ayonxusa kumaTlokwa (isiduko sabeSuthu)

kwindawo eyi Tlokweng (Mount Fletcher). Kuqikelelwa ke ukuba

laaphuma apho igama elithi Dikela. Ngoba ngokwemveli

lelesiSuthu. Lithetha ukuthi โ€œTshonaโ€.

Amanye anyuka aya emsini kuTshaka, owayeguba kwasizwe sifuna

ukuziphatha, azibiza ukuba angoo Ndlela (ngenkosi uNdlela).

Avuma ukuba angamaZulu phantsi ko Tshaka.

AmaQwathi sisizwe esincinci kodwa esingazange sohlulwa kude

kubelapha phantsi kwenkosi uZwelakhe.Ama-Qwathi atholakala eMpumakoloni bakhuluma ulimi lwesi Xhosa. Izibongo zabo aziphelelanga lapha ngoba banokuthi basebenzise igama likakhokho njengesibongo. Uma ufuna ukuqonda umuntu wakhona ukuthi ungubani ngqo buza isiduko sakhe.

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: