πŸ’›

izithakazelo

Tag: bloemestein

Izithakazelo zakwaMakhanya Clan Names Umlando

Izithakazelo zakwaMakhanya

Gumede,
Wena kaMalandela kaluzumana,
Phakathwayo kaKhondlo kaMncinci,
Osidlabehlezi kaPhakathwayo
Abathi bedlumuntu bemyenga ngendaba,
Bethi dluya kubeyethwe umakoti ubeyethe kabukhuni,
Wena owabuza intaba ngabomu wathi ntabani leya?
Zaphendula icathalala zathi “uNgoye Gumede,uNgoye Phakathwayo”,
Wena waseMthandeni ezweni loju nezinyosi,
Mpangazitha ozikhangayo,
Mnguni kaYeyeye,
Khondlo, Khuzwayo,
Wena kaNjakaba kaSophana,
Meseni kaMusi ,
Mkhayiphe kaGodolozi!

Izithakazelo zakwaGcwabaza Clan Names Umlando

Izithakazelo zakwa-Gcwabaza

Thusi,
Sishange, Makhanya,
Mlotshwa!

Izithakazelo Zakwa Makhanya

Izithakazelo Zakwa Makhanya

Makhanya,
Mnguni,
Yeyeye,
Gumede,
Qwabe,
Phakathwayo,
Khuzwayo,
Maphithini,
Mpangazitha,
Duze kaMnengwa Gcwabaza,
Thusi, Lingela,
Zukezela, Makhutha,
Mfene,
Wena owakhanyisa ngothi lomshanelo ngoba ezonda ubumnyama,
Wakhanyisa ngothi lomshanelo kwaze kwasa luvutha MAKHANYA!!!!

Page 5 of 5

Β© 2026