clan names πŸ’™ clan history πŸ’―

izithakazelo

Tag: Dambuza

Izithakazelo Zakwa Mabhida

Mabhida, Sgwaza, Julaza, Choko, Mabhala ngozipho abanye bebhala ngepensela, Dambuza, Mthakathi, Injulala eyadla amahleza asobindini….
thina endlin kamnqolo zikanje ngyazi abanye baba nokudideka ezithakazelwen zakwamabhida isikhathi esiningi kubizwa amakhehla ngokwezindlu ingakho ziba ngath zinokuhluka kodwa munye mabhida jikelele !!! πŸ™ŒπŸΎπŸ™ŒπŸΎπŸ™ŒπŸΎ

Izithakazelo zakwa NgcoboΒ 

Izithakazelo zakwa NgcoboΒ 

  • Mapholoba,
  • Nyuswa,
  • Fuze, Mavela,
  • Mafuz’afulele njengefu lemvula,Β 
  • Mashiya amahle ngath azoshumayela,
  • Dambuza, Mthabathe,
  • Mabhala ngozipho abanye bebhala ngepensela,
  • Malal’efake umunwe endunu,
  • Avuke ekuseni awuncinde akhombe ilanga,
  • Mavulankungu kuvel’ilanga,
  • Sididane,
  • Ngongoma,
  • Maqadi amakhulu,
  • Mbili!

Izithakazelo zakwa Ndlela

Ndlela Clan Praises 😍 Ndlela surname

Ndlela,
Bayeni,
Machunu amahle anyathela ngemikhonto esanda kulolwa!

Khambule-Nkambule
Mncube-Ncube, Mzilankatha, Nkomo, Mlotshwa, Malanelilanga, Magosolo, Mpangazitha, Makhombothi, Dambuza, Mthabathe, Nkambule-Khambule, Silutshana, Mbunda, Maweni, Siyobi, Mthombeni, Madlozi

Khoza
Mlotshwa, Msuthu, Mkhathini, Mancencence, Hlabisa, Ntshingwayo, Mangena, Mlilo, Skhothana, Mabona, Nomageja, Sokhabase, Ntshamase, Ndlandla, Sphandabantwana, Ndlelehambekhaya Eyanqamula kwa Mandlakazi

Sibiya
Sotobe, Gazu, Ndaba, Gumede, Khathi, Manyele onyelela njenge Ntombi iya esokeni, Zethembe, Zingelwayo, Mdladla, Mqeku, Mheqwa, Ngobe, Mxa, Nogwaza, Magamanxa, Mhluzana, Soso, Mthole, Nandisa, Mbede, Mgxebe, Mkhananda, Mpangalala

Jali
Sjongo, Phumela, Ngcolosi, Mpemvu, Mlomunendaba, Mmemezi ka Hlangabeza

Ama-Mpondo/Mpondomise

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: