Mbanjwa Khathini clan

Izithakazelo zakwa-Mbanjwa:

Sokhela,

Nyon’emyama,

Eyabizwa ngekhwela yasabela yathi tshiyo,

Gqabela kavezi,

Wena ozalisa abafazi baliwe amadoda abo,

Mzukuzeli ulwandle aluwelwa luwelwa zinkonjane ezindizela phezulu,

Mpazela,

Sisho wena nkanyezi yezulu,

Mzekwa,

Galaza,

Magujwa,

Dindela!

Izithakazelo zakwa-Gasa

Izithakazelo zakwa-Gasa

Msomi,
Gasa, Meyiwa,
Thabela, Vezi,
Nophacwa,
Wena owaphica Umfazi kwasa ekuseni kwazekwa indaba,
Onondabula zixuku zakoNdwandwe,
Wena owehla ngomzungulu wasala wabola,
Mndayi!

Mthembu, Msimango, Mseleku, Msibi

Mthembu
Qhudeni, Mvelase owavele Nyandeni,
Mvelase ka Guda,
Ngoza ka Mkhubukeli ka Gazi nina base Mlamlankunzi.

Izithakazelo zakwa Msimango
Thabizolo, Nonkosi, Mlotshwa,
Pembe ka Lokothwayo,
Ngelengele, Mhlehlelu,
Nhlokozabafo,
Sdindi ka Siphuki…

Ezakwa Mseleku
Duma, Lwandle, Ntenga, Mthombeni

Ezakwa Msibi
Ndlondlo, Mabuya, Guliwe, Siwela, Gasa…