izithakazelo

Tag: holthoon Page 6 of 14

Izithakazelo zakwa Mfekayi Clan Names

Mfekayi Clan Names :
OMfekayi oFunjwa,
Ndaba,
Mzingeli ongakhohlwa ihawu lakhe,
Mpangazitha,
Mncwango!

Nhlengethwa Clan Names & History

Izithakazelo zakwa Nhlengethwa®

•Msuthu
•Thumbela
•Mpangazitha
•Gogcweni
•Luvuno ka Langa
•Ncwane
•Siphepho sabesuthu
•Bobantu
•Mahlasela ngothando abanye behlasela ngezikhali !
•Nkomonye wena onenkomo eyodwa uma sezimbili okusho ukuthi enye wayeba khaya lo nyoko.

Izithakazelo zakwa Gabuza Clan Names Umlando

Gabuza, Gumede onhlokonhle, qwabe,mpangazitha, nonombela kamafuya nduna, khondlo, phakathwayo, vezi, mnguni, mfumbathi wemvula, magaya isicaba sibe sinye, malandela ngokulandela izinkomo zamanye amadoda, nqenqema kanozitombo, shiyampahla ulandele intombi !

Izithakazelo zakwa Mwandla Clan Names

Mwandla,
Ndubane,
Nkwelo,
Mpangazitha,
Mpamantshe,
Nqoboza,
Mgqabula nkungu kuvel ukukhanya,
Themane !

Page 6 of 14

© 2026