Surname Meaning, History, Clan Names & Latest News

Izithakazelo Umlando Clan names Iziduko

Tag: Mabaso Page 1 of 2

Ndinisane Clan Names

Izithakazelo zakwa Ndinisane
Zwane,
Mangethe,
Nsele,
Zikode,
Cebekhulu,
Mabaso !

Izithakazelo zakwa Zwane

Izithakazelo zakwa Zwane ZwaneMangetheLinda MkhontoUmafa avukeZikode kaPhikelaUZwane akadlelanga phansiWadlela emkhombeni WezinyamazaneEdla im'hlambi yezinkomo zamadodaNdlangashushwana ngokudla amaNdebeleBathi uZwane udleni kwaMtambo?Kuthiwa udle Read more

Izithakazelo zakwa Hudla

Hudla Zwane Mangethe Cebekhulu Lindamkhonto Mafu awalingani angaphansi nangaphezulu Wena wetshe laseNtshenteka

Mthembu Clan Praises -Mvelase Clan Names

Mthembu Clan Praises

Mvelase, 
Qhudeni Mvelase,
Owavel’eNyandeni yemikhonto yakwaMabaso,
Mvelase kaGuda,
Ongawadl’amathibani,
Angadl’amathibane indlala ngabe iwile,
Mnisi wemvula ilanga libalele,
Ngoz’ovel’eNyandeni,
Ngoza kaMkhubukeli, kaGazi,
Nina baseMlamlankunzi!

Zikhona izikibha zabakwaMthembu. Whatsapp/call: 061 868 5163

Price: R200 each (white, blue & red colours available)

Izithakazelo zakwa Mthembu? Mthembu Clan Names

Izithakazelo zakwa Mthembu, Mthembu Clan Names Mvelase, Jama kamnisi, Qhudeni, Mnisi wey'mvula ilanga libalele, Wena ongawadli amathibane ongadla amathibani ngabe Read more

Izibongo zakwa Mthembu

Mthembu Qhudeni,Mvelase owavele Nyandeni,Mvelase ka Guda,Ngoza ka Mkhubukeli ka Gazi nina base Mlamlankunzi.Izithakazelo zakwa MsimangoThabizolo, Nonkosi, Mlotshwa,Pembe ka Lokothwayo,Ngelengele, Mhlehlelu,Nhlokozabafo,Sdindi Read more

Izithakazelo zakwa Qoma

Izithakazelo zakwa Qoma | Qoma Clan Names


Ukuthukuthela ugane unwabu


Ukuthukuthela ugane unwabu loku kusho ukuthukuthela kodwa ungabonakalisi. Lokhu kufaniswe umuntu nonwabu lona olushintsha imibala. Kungaba umuntu ozihlekisayo kodwa ngaphakathi Read more


Izithakazelo zakwa-Mabizela


Izithakazelo zakwa-Mabizela Mshengu, Shabalala, Ndimande!

Izibongo zeSilo uSolomon kaDinuzulu

Izibongo zeSilo uSolomon kaDinuzulu

INkayishan’enkulu kaMenzi
Ephuz’umlaza ngameva
Ulanga lisehlule madoda sesingavikithi
Ngosib’olusenkundleni
Kith’oSuthu
Luntula noyedwa ongaluthintayo

UNogwaj’oshiy’izinja zasOndini
UNgcede onyonkel’isife singawi
UMadlokovu sabel’uyabizwa
Bakubiza eNkonjeni

Ubizwa ngabamhlophe abelungu
Kawubizelwa ndaba zalutho
Bakubizel’ukukhuluma
Ngomhlabathi wakithi kwaMalandela
Bakubiz’ePitoli wavuma
Bakubiz’eMgungundlovu wavuma
Bakubiz’eShowe wavuma
AbakwaZulu bakubiza ngohlanya

Bathi mtakaNdaba uyazula
Ngoba udonse ngentambo ende yosizi
Wabuya ngentambende yosizi

Wathatha iziphakanyiswa
Wathi kazihlale ndawonye
Zibenjengamankankane
Wona ahlala ludweni lunye
Enqamulela umsundu
Umudli waMakhobongwana amabili
Elinye kungelakwaMadumelana
Elinye kungelakwaFelaphakathi

INyath’emnyama kaNdaba*
Eshoba limhlophe nasogabeni
Efuz’amahlath’amabili
Iwaphindela
Ngoba ifuze uMkhombe
Yafuza iNkonjeni
Lapho kuhlangana khona izifunda
Kwakungezemiful’emibili
KwakuyiSikhwebezi
Kanye neMfolozi

Umshisi wesikhotha
EsiseZindumeni phezulu
Kuze kuyosha esikuNdaba
Esibanzi ngasoPhongolo

UPhongolo olumanz’abomvu
ISigolodla sikaNdaba
Esibheka umuntu
Kube sengathi simjamele

Uphaphe oluphezu kwendlu
KokaNtuzwa
Kakho noyedwa
Ongalwathulayo
Ngisho kwabamnyama
Ngisho kwabamhlophe

INkomankoma kaNdaba
Ekhaz’amajaji
Lapha kwaNongoma
Yaze yakhaza aseEShowe
Umvuli wamasango
Namhla izwe belivalile
Abamhlophe abelungu

USingqungqungqu!
Kakhulumi kanamlomo
Unjengongaphakathi
Ezihlangwini zamadoda
Ugwabaa ebeliphethe mgodo
Nonhloyiya angalibuka
Az’akhathale

Umpondo zinde
Zingangamagudu ngawezinyathi
Indaba yenziwe
Ngamadoda ngawakwaNobamba

Yenziwe nguNdabankulu
Ezalwa nguluKhwazi
Yenziwe nguLokothwayo
Ezalwa nguZembe
Yenziwa nguMankulumani
Ezalwa nguSomaphunga

Abathath’izinkomo
Zakith’eMahhashini
Baze bazithela ndawonye
NezakwaNgenetsheni
Lidume lawathela
Amathons’esilimela

INkosi efungelwe
Ngamhlophe abelungu
Bathi akusekubakho Nkosi
Kithi koSenzangakhona

UmtakaNdabaa!
Uhlomel’ehlathini
Kwathi izibilini zamaJaji
Zabhambazela!
Kubhangazel’uMchitheki
Obezalwa nguZibhebhu

Kanti umtakaNdaba
Akaxabene namuntu
Wayeyodla umhlambi
Wezinyamazane nangaseNkonjeni
UMdlongodli wakithi Ezibindini
INcwincwi kaNdaba*
Ephuza kwezind’iziziba
Ithi ingaphuza kwezimfishane
Ibuya nodaka
Umthungo wofa lwembiza
Eyathubekela oThukela
Eyachezuk’izingcezu ezine
Olunye lwaya oSuthu
Olunye lwaya kwaMandlakazi
Olunye lwaya kwaNgenetsheni
Olunye lwaya kwaDukuza kaNomboza

Othunga limbe
Seliyosengula lingenamantshumpa
Umhlanganisi wemihlambi efanayo
Uhlanganise uNgenetsheni kanye noSuthu
Wahlanganisa uMandlakazi kanye noSuthu
Wahlanganisa uZulu wonkana

USeqamkhaya!
Losatshwa zinkonjane
NgezikaFalaza nezeMbokodebomvu
iNkosi ebhale ngozipho
Mhla iyakwehlukanisa
AMampondo kanye namaXhosa

Ngeshoba leNkonkoni
Elalibhul’izangoma
NakwaSoshangane
Izanoma zamnuka kwaMchunu
Isibhuxa esimathanga abushelelezi
NgesokaNtuzwa
Usikhafula mithi
Iphekiwe endlini kwabo
KokaNtuzwa

UMqwalajuba ngowoBeyisilie
UMqwalajuba ziyakwethuka
AmaWombe
Intaba ehlal’iNgonyama
Ngokwesab’izulu
Ukuduma

Kwathi iziphakanyiswa
Zayivula imilomo
UBayede!
UBayede kaNdaba!
INkosi yohlanga!

THOLA ESAKHO ISIKIBHA ESINESITHAKAZELO SAKHO. ORDER: 061 868 5163 (WHATSAPP OR CALL) PRICE: R200

THOLA I-HOODIE ENEZITHAKAZELO ZAKHO: ORDER: 061 868 5163 PRICE: R400


Ukukhomba ngophakathi


Ukukhomba ngophakathi Kusho ukubusa imvamisa makudliwa noma kujatshulwe nje, kuthiwa ukhomba ngophakathi. Kusukela lapho uma kudliwa inyama mhlawumbe kunomsebenzi lapho Read more


Izithakazelo zakwaMathenjwa


Izithakazelo zakwaMathenjwa Mgabadeli, Wena owagabadela inkundla kwaBulawayo, Dumakude, Mageba, Ndabezitha!

Izithakazelo zakwaMabaso

Izithakazelo zakwaMabaso

Mntungwa,
Mbulaz’omnyama,
Nina bakaBhej’ eseNgome,
Nin’ enadl’umuntu nimyenga ngendaba,
Nin’ enadl’ izimf’ezimbili ikhambi laphuma lilinye,
Lobengula kaMzilikazi,
Mzilikazi kaMashobana,
Shobana noGasa kaZikode,
Zikode kaMkhatshwa,
Okhatshwe ngezind’ izinyawo nangezimfushanyana,
UMkhatshwa wawoZimangele,
UNyama yentini yawoZimangele
Mabaso owabas’ entabeni kwadliwa ilanga lishona,
BaNtungw’ abancwaba,
Zindlovu ezibantu,
Zindlovu ezimacocombela,
Nin’ abakwaMawela owawel’ iZambezi ngezikhali,
Nin’ abakwaNkomo zavul’ inqaba,
Zavul’ inqaba ngezimpondo kwelaseNgome zahamba,
Nin’ enalukudl’ umlenze kwaBulawayo,
Mantungwa Aluhlaza,
Mantungwa Amahle,
Bantwana benkosi,
Nin’ abakwaNtokela,
Inkubele abayihlabe ngamanxeba,
Abakhule ngezinyawo ezimfishanyana nezimaqhukulwana,
Inyang’ abathe beth’ ifil’ uZulu kanti isiyetheswe,
Yetheswe ngoNyakana kaMpeyana,
UBando abalubande balushiy’ uZulu,
UNtshwintshwintshwi kaNoyanda noNdaba,
UNkone evele ngobus’ emdibini,
Ndabezitha!!!
Maqhaw’ amakhulu!!!


Izithakazelo zakwa Mabaso | AbakwaMabaso


Izithakazelo zakwaMabaso Mntungwa, Mbulaz'omnyama, Nina bakaBhej' eseNgome, Nin' enadl'umuntu nimyenga ngendaba, Nin' enadl' izimf'ezimbili ikhambi laphuma lilinye, Lobengula kaMzilikazi, Mzilikazi Read more


Izithakazelo zakwa Ncala | Ncala clan praises


Izithakazelo zakwa Ncala | Ncala clab praises Ncala Maphanga Mntungwa Mantungwa amahle Mantungwa ekhethelo Nina abase Nkoneni Nina enibhince ihuse Read more

Page 1 of 2

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: