meaning of names 💛 clan names 💯 history

izithakazelo

Tag: Mangethe Page 1 of 2

Mangethe Meaning. What does Mangethe mean? Mangethe History

Meaning & Origin:
Mangethe is a Zulu surname and clan name, often associated with praise names or ancestral honor. It may symbolize leadership or respect within a community.

History & Notable People:
Mangethe is a surname rooted in Zulu traditions and reflects strong ties to ancestral customs. It is often associated with families known for their leadership or contributions to their communities.

Nkanini clan names & History

Izithakazelo zakwa Nkanini

Nkanini, Khanyile, Luvuno Nina enivuna ebsika abafokazane bevuna selibalele, Mageza ngobisi abanye begeza ngamanzi, Ngwane, JAMA kaSjadu, mawela umfula ugcwele izingwenya ngoba uthi ifela khona enkanini, Linda mkhonto, Mangethe, Nina bakwamatiwane, Omwelase abangawelanga ngaziziba abawela ngezimpambosi zomfula zasodumase. Langa ongenandlebe angaba nayo weza nonina, Shalashala elihle elithi ukuvuma ngokulandula, Mabhuqa, Sogodi, Mashaya umuntu aphindele la asuka khona, madla isinkwa esinothotho!

Izithakazelo zakwa Linda Clan Names & History

Linda,
Ndzimase,
Magidi,
Cebekhulu,
Wena Wengwe Ongavali ngam’goqo, ovala ovala ngamakhanda amadoda
Nsele Kalinda Mkhonto,
Ntshosho,
Mangethe!

Mlilo Clan Names

Abakwa Mlilo – Mlilo Clan Praises

Mlilo,

Singwazi,
Lindamkhonto,

Sivumane samantsena,

Mashisa/Matshisa,

Chauke,

Amathonga amahle avusa abafileyo abakoGasa baze bayivuma lendaba,

Abavumisa amaTsena,
Abathwali bomlilo ngenkumba,

Mtotobi kaNkumba,

Sihumba,

Mntungwa,

Mabaso,
Mbulazi,

Mangethe,

Mabhena !!!

Ndinisane Clan Names & History

Izithakazelo zakwa Ndinisane
Zwane,
Mangethe,
Nsele,
Zikode,
Cebekhulu,
Mabaso !

Nkanini Clan Names

  • Nkanini
  • Luvunu !
  • Wena Owavuna ummbila ekhabeni abanye bevuna amabele
  • Ntshosho !
  • Nsele kaLindaMkhonto
  • Mangethe !!!

Izithakazelo zakwa Zwane Clan Names

Izithakazelo zakwa Zwane

  • Zwane
  • Mangethe
  • Linda Mkhonto
  • Umafa avuke
  • Zikode kaPhikela
  • UZwane akadlelanga phansi
  • Wadlela emkhombeni Wezinyamazane
  • Edla im’hlambi yezinkomo zamadoda
  • Ndlangashushwana ngokudla amaNdebele
  • Bathi uZwane udleni kwaMtambo?
  • Kuthiwa udle izinjana zimbili
  • Zigcwele umdakana!
  • Ntshosho!
  • Wena Kamafu kawalingani- angaphansi naphezulu
  • Ngoba aphezulu angubo ngubo!
  • Ntsele kaLinda kaMkhonto!
  • Awungilinde Ngilande Ezami
  • Mthanti!Nduna ngokuthwal’ isila sensele!
  • UNtsele kangakanani,
  • Ngoba nasothini lomkhont’ angahlala.
  • Nin’ enadlel’ encazeni!
  • Nin’ eniphakel’ umyeni odengeleni,
  • Ngoba ningabenkosi.
  • Zikode kaNdabansele
  • Mabhayi kawalingani awangaphansi nawangaphezulu
  • Nina bakaVezi
  • Owadl’ isihlahla njengengwababane!

Zwane – Phikela wengwe – Nselenduna nina base tsheni lase Ntshenteka

Zwane – Mandaba, Ukub’ uMandaba wayengehlanga phezulu saso buswa ngubani?

Zinkomo zakwaLinda ezimhlane ugcwele udaka, ezathi zidl’ubhoqo kanti ziyawuhlakulela

Ntshosho, obhukuda ezizibeni ezijulile, uma engabhukudi kwezijulile zibuya nodaka

Mangethe omakhandakhanda

Nina baseMangweni !
Zikode !!!

Zikhona izikibha nama-jacket/hoodies zakwa Zwane Whatsapp / call: 061 868 5163
Prices:
t-shirt: R200
Hoodies: R400

Izithakazelo zakwa Hudla Clan Names

  • Hudla
  • Zwane
  • Mangethe
  • Cebekhulu
  • Lindamkhonto
  • Mafu awalingani angaphansi nangaphezulu
  • Wena wetshe laseNtshenteka

Izibongo zakwa Thabethe

Izibongo zakwa Zwane

  • Mangethe,
  • Cebekhulu,
  • Mbengo,
  • Mbambo,
  • Mungwe,
  • Phikelela,
  • Nsela,
  • Ndabakansele,
  • Zikode,
  • Nsele,
  • Mafu,
  • Mthayi,
  • Mgabhi,
  • Mhlaba,
  • Mchwayo,
  • Ntshosho,
  • Cengesi,
  • Thinta

Abanye bazikhumbula kanje

IZITHAKAZELO ZOMBAMBO

Mageza ngobisi lwenqu… yabafazi bamanye

amadoda, abafakozana begeza ngamanzi,

Ubambo kaludliwa ngabafokazana, ludliwa

umlandokazi, Mbiko, Mkhemezela, khethwayo,

Jangaza, Bhubhu kaNdaba, Goba ngokugoba

amadolo, Mbambo kaLushozi kaMomoyi ka

Mandlovu.

Page 1 of 2

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: