izithakazelo

Tag: maqina Page 31 of 52

Izithakazelo zakwa Sibiya Clan Names Umlando

Izithakazelo zakwaSibiya

Ndaba,
Gumede
Sibiya ngenkomo, abafokazana bebiya ngamahlahla,
Nina bakwankom’isengelwa emaweni,
Ingasengelw’esibayeni akuyon’eyakhona.
Gumede kaNdaba,umanyelela njengentombi iy’esokeni,
Mkhananda owafinyelela kubalondolozi
wemuka noGodokazi way’eMfolozi.
>> Continue reading <<

Izithakazelo zakwa Sikhakhane Clan Names Umlando

Izithakazelo zakwa-Sikhakhane

  • Mboma kaMqhele,
    Mathula,
    Nzimase,
    Sdwaba esinembobo,
  • Wena sango elingezantsi,lapho besa khona imilomo,
  • Wena owangena nesikhuni emanzini sivutha, waphuma naso sivutha,
  • Wena kaMboma os’hlahla samila edwaleni,
  • Wena kaSoqhafuza, umlung’odla izinkobe,
  • Wena nyoka eyacaca emthini ingenazinyawo,
    Inkomo esengelwa emeveni ngoba wayisengela ethungeni iyalikhahlela,
  • Wena okhishwa ngenoni emgodini,
  • Wena ophatha amakhosi uma esedukuzela,
  • Wena owahlabana ngokwehlula izinyanga nezanuse,
  • Wasuka lapho waxhoshiswa ngokaSenzangakhona, ngezinkomo zekhethelo,
    Wakhushulwa, awabanankosi, ngoba inkosi yakho kunguNodumehlezi kaMenzi,
  • Mboma,wena wase Nkandla!

Izithakazelo Zakwa Sithole Clan Names Umlando

Izithakazelo Zakwa Sithole 😍 Sithole clan names

Jobe !
Mondisa!
Phumela phandle ngoba kufudumele
Matshana!
Mhlakaza nhlansi zingamshisi
Ziyoshis’ abalondolozi

Maphitha!
Mthembu waseGubazi
AbaThembu bengabakwaMvelase
Ngqikazi zimnyama zingamankankazana
Nyama kaMaqoqo
Abayidla beyidonsisana

Nina bakaMgidi wekhohlwa
Nina bakaThakazelwayo
Nina bakaMqolo
Owadl’ omuny’ umqolo
Nina bakaDidiz’ umkhaba
Mkhomb’ olwadl’ eminy’ imikhombe
Lwandl’ oluhambezintabeni
Nina baseQhudeni

Jozana olubomvan’ olundakandakana
Qomond’ olumantinyane
Olubuk’ umuntu lumethembise
Sengathi luzomakkhel’ umuzi, kanti phinde!

Nina bethole intshwabadeyane
Mthiyane Sonomo
Nina bakaMkhwawozi
Owakhawuz’ Mdod’ akhawuleka
Nkomankoman’ ekhawuz’ abalondolozi
Nina bakaNyawo zimthende, zimthendelezi.

Ngweny’ edlel’ ohawini
Nina baseNyongweni
Chakijana kaGezindaka
Suka bekhuluma!
Bhande kaMtshiba
Mahamba!
Ngokuhamb’uyeSwazini!
Luhuluhulu!

Nyokeni!
Nina baseLangeni!
Nin’ enabulal’ abathakathi njengoShaka
Nadlula nawel’ uThukela
Nina bakwaMgwayiza oyinsimbi engagobi!

Ziyatholakala izikibha nama-jacket akwa Sithole: Whatsapp: 061 868 5163

Izithakazelo zakwa Ndlovu Clan Names Umlando

Izithakazelo zakwaNdlovu:

Gatsheni,
Boya benyathi, obusonga busombuluka,
Mpongo kaZingelwayo,
Nina bakwaNdlovuzidl’ekhaya, ngokweswel’abelusi,
Zaze zeluswa intombi uDemazane,
Nina bakwaKhumbul’amagwala,
Nina bakwaDemazane Ntombazana,
Nina bakwaS’hlangu sihle,
Mthiyane,
Ngokuthiy’amadoda emazibukweni,
Nina bakwaMdubusi!
Continue reading>>

Page 31 of 52

© 2026