Skip to the content
Izithakazelo zakwa-Sikhakhane
- Mboma kaMqhele,
Mathula,
Nzimase,
Sdwaba esinembobo,
- Wena sango elingezantsi,lapho besa khona imilomo,
- Wena owangena nesikhuni emanzini sivutha, waphuma naso sivutha,
- Wena kaMboma os’hlahla samila edwaleni,
- Wena kaSoqhafuza, umlung’odla izinkobe,
- Wena nyoka eyacaca emthini ingenazinyawo,
Inkomo esengelwa emeveni ngoba wayisengela ethungeni iyalikhahlela,
- Wena okhishwa ngenoni emgodini,
- Wena ophatha amakhosi uma esedukuzela,
- Wena owahlabana ngokwehlula izinyanga nezanuse,
- Wasuka lapho waxhoshiswa ngokaSenzangakhona, ngezinkomo zekhethelo,
Wakhushulwa, awabanankosi, ngoba inkosi yakho kunguNodumehlezi kaMenzi,
- Mboma,wena wase Nkandla!
π Search here π+ ADD CLAN NAMESπ¬ Watch our videos
M MADONDO
Can you please check for me, MaShumi clans and izithakazelo zakhona??