Tag: maqina Page 36 of 52
Izithakazelo zakwa-Khumalo
Mntungwa,
Mbulaz’omnyama,
Nina bakaBhej’ eseNgome,
Nin’ enadl’umuntu nimyenga ngendaba,
Nin’ enadl’ izimf’ezimbili ikhambi laphuma lilinye,
Lobengula kaMzilikazi,
Mzilikazi kaMashobana,
Shobana noGasa kaZikode,
Zikode kaMkhatshwa,
Okhatshwe ngezind’ izinyawo nangezimfushanyana,
UMkhatshwa wawoZimangele,
UNyama yentini yawoZimangele
Mabaso owabas’ entabeni kwadliwa ilanga lishona,
BaNtungw’ abancwaba,
Zindlovu ezibantu,
Zindlovu ezimacocombela,
Nin’ abakwaMawela owawel’ iZambezi ngezikhali,
Nin’ abakwaNkomo zavul’ inqaba,
Zavul’ inqaba ngezimpondo kwelaseNgome zahamba,
Nin’ enalukudl’ umlenze kwaBulawayo,
Mantungwa Aluhlaza,
Mantungwa Amahle,
Bantwana benkosi!
Nin’ abakwaNtokela,
Inkubele abayihlabe ngamanxeba,
Abakhule ngezinyawo ezimfishanyana nezimaqhukulwana,
Inyang’ abathe beth’ ifil’ uZulu kanti isiyetheswe,
Yetheswe ngoNyakana kaMpeyana,
UBando abalubande balushiy’ uZulu,
UNtshwintshwintshwi kaNoyanda noNdaba,
UNkone evele ngobus’ emdibini,
Maqhaw’ amakhulu!!!
Ziyatholakala izikibha ezinezithakazelo zakwa Khumalo! Xhumana nathi ngo- Whatsapp kule nombolo:Β 061 868 5163Β wenze i-oda lakho!
Price: R200.00
Thola esakho isikibha, whatsapp kule nombolo:Β 061 868 5163
Izithakazelo zakwa-Khobeni
Mphemba,
Onanana boselesele, abaphumel’ eshashalazini,
Bahlangabezana nomoya nezulu kwabhekwana!
Izithakazelo zakwa-Khobeni with English translation:
Mphemba,
(Mphemba).
Onanana boselesele, abaphumel’ eshashalazini,
(Onanana boselesele – those who emerge/appear at the open clearing/plain).
Bahlangabezana nomoya nezulu kwabhekwana!
(They met/encountered the wind and the sky and they faced each other!).
Izithakazelo zakwa-Khathide
Kubheka,
Masobode,
Wena owasobodela udlubu nokhasi,
Mgwaqo awedlul’esibayeni, ngoba kuvalwe ngamakhanda amadoda,
Mbend’ebomvu enjengetolwane,
Boya obuningi obungangenyathi,
Mbokod’ebomvu kaMagayiza esunduza abeSuthu namaNdebele,
Sicabha esihle esakhothwa izinyoni zakwaKhathide,
Sombheshane,
Makhunga, wena owakhunga izimbila emgedeni, zaphuma zingenamisila,
Nanamuhla azinawo umsila ngesimanga sikaMaKhunga,
Ndolwane,
Magonondo!

