πŸ’›

izithakazelo

Tag: maqina Page 38 of 52

Izithakazelo zakwaKhathi Clan Names Umlando

Izithakazelo zakwa-Khathi

Nandisa,
Mbende, Sotobe,
Phakathwayo, Sibiya,
Phathakahle!

Izithakazelo zakwaKhuzwayo Clan Names Umlando

Izithakazelo zakwa-Khuzwayo

Gumede,
Qwabe,
Mnguni kaYeyeye,
Khondlo,
OSidlabehlezi bakaPhakathwayo
Abathi bedla, bebebeyenga umuntu ngendaba,
Bethi, “Dluyeya ngenhlana, umalokazana ubeyethe, kayikhuni sidingida yoyodaba!”
Kanti bahlinz’imbuzi,
Malandela, ngokulandel’ izinkomo zamadoda,
Phakathwayo!

Izithakazelo zakwaKhanyeza Clan Names Umlando

Izithakazelo zakwa-Khanyeza

Ngwane,
Bhengu, Ngcolosi,
Dlabazane,
Nima enigeza ngobisi abanye begeza ngamanzi!

Izithakazelo zakwaKhanyile Clan Names Umlando

Izithakazelo zakwa-Khanyile

Sothole,
S’tshopo,othi udl’inkomo kanti udl’impisi,
Umashaya umuntu aphindele lapho aphuma khona,
Odl’isinkwa esinothotho,
Mahamba kancane Sogodi,
Phondo olukhulu elavuma kwavuma amadoda,
Shalashala elihle elithukuvuma ukulandula,
Ntunjwa kaLanga,
Mthiyane,
Ndwandwe,
Zikode, Mabhuqa,
Ngwane,
ULanga ongenandlebe angaba nendlebe weza nonina,
Inhliziyo eyasala ezaleni kwasa bayicosha ngakusasa!

Co-founder of Thebe Investment Corp in 1992. Director at Shell South Africa, Vodacom SA, and FX Africa Foreign Exchange. Former Chairman of Santam Ltd (2012-2013, 2018-2021) and JD Group Pty Ltd. Holds undergraduate degree from University of Birmingham.

Winner of the 2019 Ithala Business Achievers Entrepreneur of the Year Award, receiving R100,000 towards her business.

Page 38 of 52

Β© 2026