izithakazelo

Tag: maqina Page 42 of 52

Izithakazelo zakwaHlengwa Clan Names Umlando

Izithakazelo zakwa-Hlengwa

Mashasha,
Nongubo, Shingweni,
Mlebuka, Sijamane,
Dumakude, Mbuyisa,
Ncokela,
Mngcenge!

Izithakazelo zakwaHlatshwayo Clan Names Umlando

Hlatshwayo Clan Praises

Mhayise wakoLanga,
Ngwanya, Siyendana,
Cebisa kaMabhengeda,
Ugid’gogweni ovala emnyango ngamakhanda amadoda,
Mgogodlana,
Nina enanqoba ibuhto lakwaGob’izembe,
Ngele!

Izithakazelo zakwa Hlabisa Clan Names Umlando

Izithakazelo zakwa-Hlabisa

Ngotsha,
Mdinwa, Vilakazi,
Songiya, Somfula
Bulawayo!

Izithakazelo zakwa Hadebe Clan Names Umlando

Izithakazelo zakwa-Hadebe

Bhungane,
Bhungane kaNsele,
Zikode, Gob’izembe,
Makhulukhulu, Mehlomakhulu,
Umkhulu Bhungane,
Ziyengane eziyeng’umuntu, zimyenga ngendaba,
Mthimkhulu,
Mashiya amahle, amade anjengawenyamazane,
Mafuz’afulele njengelifu lemvula,
S’goloza esimehlo abomvu esibheka umuntu kube sengathi siyamujamela,
Ndlubu zamil’ebubini, ngoba zesab’ukwehlela,
Ingab’emhlabeni zesabani?
Nina enindlebe zikhanya ilanga,
Nina enindlebe zinhle zombili,
Nina bosiba olude olungakhothami endlwaneni kodwa kwezinde luyakhothama,
Nina bomagawula imithi emincane emikhulu ivele iziwele,
Mahlubi amahle,
Nina maHlubi anzipho zimnyama ngokuqhwayana,
Mashwabadela owashwabadela inkomo kanye nezimpondo zayo,
Ngelengele!

Hadebe (International Relations/Diplomacy)
South African diplomacy and foreign policy expert featured in @Diplomacy_Sa publication alongside prominent diplomats. Recognized for contributions to international relations and development policy.

Page 42 of 52

© 2026