clan names πŸ’™ clan history πŸ’―

izithakazelo

Tag: Masimula

Izithakazelo zakwa Masimula no Mlando

Isibongo sakwa Masimula sihlukene kane lapha kwaZulu, kukhona abakwa Masimula abahlubuka kwa Vezi, kube khona abahlubuka kwa Mnguni, kube khona abahlubuka kwa Mbonani kuphinde kube khona abahlubuka kwizibongo noma kwizizwe ezahlukene bahlangana ndawonye basibongo sinye. Labo abaphuma kwa Vezi nabaphuma Kwa Mnguni bakhonza kwaZulu kanye nezizwe zoyise mkhulu, ngalokho baba ngamaZulu, kwathi labo abaphuma kwaMbonani, iningi labo banyukela ngase nyakatho nempumalanga, abanye bazinza kwaNdebele abanye baye bazinza KaNgwane (Eswatini), ,iningi lalabo namuhla bangamaNdebele nama Swati. Ebese labo abahlubuka kwizizwe ezahlukene, kukhona kubona idlanzana elehlela ngaseningizimu nentshonalanga, laye layozinza ezizweni zamaXhosa, amaMpondo nabaThembu kepha iningi lahlala kwaZulu ngemva kweMfecane. Isibongo sakwa Masimula kwasona sisukela egameni elisho ukuhlubuka vele, ukusimula kusho ukuhlubuka kwengxenye yento kwenye into enkulu, kungaba isibongo, isizwe nokunye, ikakhulukazi uma leyonto ibe namandla okulingana noma okudlula lento ephuma noma ehlubuka kuyo. Leligamake kodwa lalivame ukusetshenziswa kakhulu lapho kuhlubuka khona isizwe sihlubuka kwesinye, lento amangisi ayibiza ngokuthi i seccession ngolimi lwabo, ngakho kwakuvamile ukuthi uma isizwe sihlukana phakathi, laba abahlubukayo bavele bazibize ngo Masimula ukucacisa ukuzimela kwabo emva kokuhlubuka, ikakhulukazi uma isizwe abaphuma kuso sikhombisa ukungamukeli kahle ukuhlubuka noma ukuphuma kwabo kuso.

Izithakazelo zakwa Masimula nazo zihlukene kane njengesibongo, kepha muva nje seziqala ukuxubeka kwazona njengoba abantu bakwa Masimula bebumbana kungathi yinto eyodwa nanoma ikuphi la behlangana khona.

Ezinye zezithakazelo zo Masimula abaphuma kwa Vezi yilezi:

Masimula! Vezi, Mthiyane, Bangela, Gusundwane, zobhi zamahlathi, ntuntwane zikhwela ngothi, ziludwendwe zibheke kamashobane, nina bakaMngcanjana kuvele Mungcanjane, nina bakansimi eyavuma emngceleni yaze yavuma ngisho esinyikithini, nina bakamugxala kawungeni uyathantalaza, nina bakaChaphane manzana ngokuwela imifula nemifudlane, nina bakakhweya abantu entabeni, bathi niyofa nini banisike izihlangu abafo nabafokaze, nina enibuya lakungabuyi khona muntu, nina eniphuza kwezinde iziziba.

Ezinye zezithakazelo zo Masimula abaphuma kwa Mnguni yilezi:

Masimula! Mnguni, Ngabade, Boyana, Biyela, Nkomo, Mhlophe, Chinswayo, Zambule, Mgabhi wena owagabha ngamashoba amabili ezinkomo abanye begabha ngezandla, wena owabamba impi esandlwane kwakhala abafo nabafokazane babuya bethwele imikhono ekhanda behhemuzela!

Ezinye zezithakazelo zo Masimula abaphuma kwa Mbonani yilezi:

Masimula! Mbonani ,Migidi ,Mlotshwa, ngulube azembelani, engembelenye iyaquba, umakhonza akhonzele futhi abanye bekhonza bagoduke , umfazi wamabele amade wamunyisa ngaphethsheya komlambo, iligwa nelingwana ,Mgidi wako Dumako ,Mlamuli wakoMagwabo ,ngowalamul’ inkunzembili zisilwa ,yindumandumane eyadum’ ezizweni ,bathi uMlotshwa ngwakuphi na?nguMlotshwa wako Zingelwako , abamfunako abamkereyi,bamkereya ngokumlalamela,ngulekere wako Dzubha.

Ezinye zezithakazelo zo Masimula abasungula isizwe besuka kwizizwe ezahlukene:

Masimula! Nkosinkulu, Somiphe, Nonginqi, sungula bukhosi, ziko livutha amalangabi, lothiwa zinhlanga zonke, wena wasolakeni, olaka lwakhe kalubandlululi, ludla sthende ludle khakhayi, ngelemane babethi bayayisiphula kanti bayayisimula, bayithela ngamafutha empepho, bethi bayisingisela emuva kanti bayingisela phambili.

Mthabela Clan Praises

  • Omthabela
  • Ochibi
  • Masimula
  • Nkomnani
  • Ntshazizwe
  • Mlothwa
  • Nkonjane ephephezela emoyeni
  • Nina enawela umfula ugcwele!

Masimula clan

Masimula, boyana, biyela, Mnguni, Mnguni nkomo, mhlophe, Chinswayo, zambule, wena owagabha ngamashoba amabili ezinkomo abanye begabha ngezandla, wena owabamba impi esandlwane kwakhala abafazi babuya bethwele imikhono emakhanda bethi:we hhem myen, we hhem Myeni, Masimula…

izithakazelo zakwaMasimula

Ngicela ningitshele izithakazelo zakwaMasimula nomlando wabo ikakhulukazi laba abase natal nokuthi badabuka kuphi

Sobohla manyosi

Sobohla manyosi : lenkulumo ijwayelekile kodwa inomsuka wayo .imuphi lowo msuka ?

Lenkulumo yashiwo uDingane kuManyosi mhla uManyosi eqembuka kuDingane eyokhonza uMpande kthiwa uManyosi wayethola izimbuzi kuMpande, kthiwa wayeyidla ayiqede nya eyedwa, kahle kahle ukusonga loku.

Izithakazelo zakwa Masimula

Izithakazelo zakwa Masimula

Masimula, nkosinkulu, mlotshwa, mbonani, migidi, ngulube azembelani engembelenye iyaquba ,ngabade ,boyane ,umakhonza akhonzele futhi abanye bekhonza bagoduke ,umfazi wamabele amade ngaphesheya komlambo ,iligwa neligwana ,mgidi wako dumako ,mlamuli wakomagwabo ,ngowalamul’izinkunzi ezimbili zilwa ,indumandumane eyaduma ezizweni ,bathi umlotshwa ngowakuphi na? ngumlotshwa wako zingelwayo ,abamfunayo abamfumani..

Izithakazelo zakwa-Gcabashe

Izithakazelo zakwa-Gcabashe

Qwabe,
Mnguni kaYeye,
Mhlathuze,
Njonjo, Masimula,
Hlobo lukhulu lwadl’amasi lwaze lawashiyel’esiyevini,
Thamb’elimanephu!

Magutshwa Clan Names

Magutshwa, Simelane

Mbonambi Clan Names
masimula, mgidi, mlotjwa, kulungwana
mgid’akodumago,
yindumandumani eyadum’ezizweni,
yaduma nasedlomudlomu
kulungwana lekhethu lekomeni ngelaphika nemihlamb’amadoda kwaze kwadinw’ imhlambi yamadoda
isebe liphezulu eqongolweni libambele ematjekeni womlomo
mlamula komagwabo,
ngowalamul’ikunzembili sisilwa, ngathana wazilisa bezizakubulalana
bath’umlotswa ngewakhuphina?,
ngowakh’esqongololweni sentaba abamfunako bamthola ngokumlalamela

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: